Kufunwa isaguga esilahlekile

2019-03-20 06:02

UMNDENI wakaGabuza endaweni yaKaPata ukhathazekile ngemuva kokuduka kukamama wabo nogcine ukubonakala ngoLwesine olwedlule mhlaka-7 kuNdasa (March) ethi uya eMbali Unit 14.

UNkk Mildred Delisile ‘MaGcabashe’ Gabuza (55) kuthiwa ubehambe ethi uya kobona omunye umama akhonza naye obemcele ukuthi eze azomsiza ngokuthize.

Ngokusho kwendodakazi yake uNonkululeko Gabuza umama wakhe wahamba egqoke isiketi esi-purple nesikipa esinoku nsundu(brown).

“Ngesikhathi ehamba umama ekhaya washiya ugogo wathi uyabuya ugogo wabe esemunxusa ukuba asheshe abuye kodwa lwaze lwaphela usuku engabuyanga.

NgoLwesihlanu ugogo wavukela kalomama lapho ayethe uya khona eMbali Unit 14 ethi uyobuza ukuthi kungabe usakhona yini namanje kodwa kwafika kwathiwa akazange aze afike nomama lowo wathi akakaze asho ukuthi akeze azomusiza,” kubeka yena.

Uqhube wathi bakhathazekile kakhulu ngoba umama wakhe ubesenakho ukuthi kwesinye isikhathi kube sengathi uhanjelwa ingqondo.Uthe umama wakhe ubeqala ukuthi ahambe angabuyi ekhaya nokuyikona okubenza ukuba bathuke kakhulu.

“Abantu esesike sakhuluma nabo bathi wake wabonakala endaweni yaseMbali Unit 14 ngalo uLwesine ngezikhathi zasemini ngabo-12 kodwa nakhona kuthiwa akahlalanga wabonakala ehamba nabantu bazitshela ukuthi mhlawumbe useyogibela abuyele ekhaya.

“Isifiso sethu ukuthi nje simthole simazi ukuthi ulaphi. Ngoba manje asazi nokuthi lapho ekhona udlani ulalaphi sifuna ukuthi abuyele ekhaya. Sikhathazekile kanti nogogo wakhe naye ukhathazekile. Ngisho noma ngabe sekuthiwa sithola umzimba wakhe ke okungenani uma nje simtholile sazi ukuthi ulaphi.” kubeka yena.

UNonkululeko uthe sebezamile ukumbheka ezindaweni ezahlukene okubalwa khona izibhedlela kanye nasemakhazeni kodwa abamutholi. Uthe sebeze bavula ngisho icala lomuntu olahlekile esiteshini samaphoyisa ePlessislaer.

Noma ubani ongaba nolwazi sicela athintane noNonkululeko enombolweni ethi : 079 120 1454/081 215 5682.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.