Kufunwa oduke eya esibhedlela

2016-08-17 06:00
PHOTO: supplied UNkk Mana Martha Mary Jali odukile.

PHOTO: supplied UNkk Mana Martha Mary Jali odukile.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AHLALELE ovalweni amalunga omndeni wowesifazane oduke kade ehambele esibhedlela i-Edendale emavikini amabili edlule.

USimphiwe Jali wase Hammarsdale e-Unit 3 uthi ubuthongo abusehli ebusuku emuva kokuduka kukamama wakhe ngesikhathi ehambele esibhedlela mhlaka 29 kuJulayi nonyaka.

“Ungumuntu uhlala ngokugula kanti ubeye esibhedlela ngoba eyokwenza i–CT scan ukuze kubhekwe imbangela yokuphazamiseka kwakhe ekhanda njengoba futhi abuye akhohlwe.”

UJali uthe unina uMana Martha Mary Jali (60) ngalolosuku wayephelezelwe umuntu omgadayo, “Uma sizwa babesengaphakathi emagcekeni esibhedlela ngesikhathi usisi omgadayo exineka waye endlini encane washiya umama emi ngaphandle nokuthe uma ebuya wafica umama engasekho.”

Uthi kwathi uma bebuza onogada ukuthi abazange yini bambone bakhala ngokuthi kunzima ukusho ngoba wayephume engagqokanga izingubo zangaphakathi esibhedlela.

“Sikhathazeke kakhulu, okubuhlungu ukuthi uduke ngenyanga yakhe yokuzalwa njengoba ehlanganisa iminyaka engu 60. Siyafisa ukuthi abuyele ekhaya ephephile, sicela nanoma ubani ongaba nolwazi lokuthi ulaphi axhumane nathi,” kusho indodana yakhe.

Uthe ngesikhathi egcina ukubonakala unina wayegqoke iphinifa eli-brown kanye nama-sandals a-grey. Umchaze wathi mude unezinwele ezimfushane ezingalukiwe. Ongaba nolwazi angaxhumana noSimphiwe ku 073 034 4774 okanye 061 949 9523.

Okhulumela amaphoyisa ase-Plessislaer uKaptain Musa Ntombela uqinisekisile ukuthi amaphoyisa abikelwe ngokuduka kukaJali.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.