Kufunwa olahlekile eSobantu

2019-02-13 06:02
ISITHOMBE: sithunyelweSmiso Mbhele.

ISITHOMBE: sithunyelweSmiso Mbhele.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKHATHAZEKILE umndeni wowesilisa wase Sobantu osekuphele inyanga enyamalele.

UMnu Smiso Mbhele (40) kuthiwa wagcina ukubonakala mhla ziyi-5 kuMasingana (January) kuze kube imanje akaziwa ukuthi ulapho okanye usaphila yini lapho ekhona.

Ngokusho kwelinye ilunga lomndeni uNks Zola Luthuli uthe bengumndeni abasazi ukuthi benze njani ngoba sebemubheke kuzona zonke izindawo.

“Simbhekile ezibhedlela, emakhazeni kanye nasejele imbala kodwa asimtholi. Asisazi ukuthi kumele senze njani sesicela noma ubani ongaba nolwazi lokuthi hlampe wake wambona ukuba baphumele obala. Seloku alahleka ubaba omncane impilo ayisafani ngoba asazi ukuthi ulaphi uyaphila yini okanye udlile yini.

“Okwenza sithuke kakhulu ukuthi siyamazi ukuthi akasiyena umuntu ovele ahambe nje anyamalale angaziwa ukuthi uyephi aqede angatholakali ngisho ocingweni. Akufani naye ukuthi avele ahambe nje izinsuku ezingaka angekho ekhaya. Imibiko esake sayizwa esingayazi noma ngabe iyiqiniso yini kuthiwa wahamba waya eCramond kodwa asazi noma loko kuyiqiniso yini njengoba nocingo lwakhe luvaliwe lungangeni,” kubeka yena.

Uqhube wathi bakhathazekile ukuthi kungenzeka ukuthi bamuthole eseshonile.

“Anginalo ithemba lokuthi sizomthola esaphila uma ngabe kwenzekile kuyobe kwenzeke ngomusa kaNkulunkulu ngoba akukho lapho singazange simubheke khona ngoba ngisho nalapho kuthiwa wahamba ethi uya khona eCramond simbhekile asimtholi saze savula necala lomuntu olahlekile,” kubeka yena.

Onolwazi uyacelwa ukuba ashayele umphenyi wecala esiteshini samaphoyisa eMountain Rise D/Sgt Charlotte Smith enombolweni ethi : 073 3794 715 okanye amalunga omndeni kule nombolo : 082 8345068 okanye 076 9134085.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.