Kugwazwe ababili kwashona oyedwa engozini yemoto eMgungundlovu

2017-05-31 06:05
ISITHOMBE: SITHUNYELWEIngozi yetekisi nemoto encane okushone kuyo oyedwa kwalimala abathathu.

ISITHOMBE: SITHUNYELWEIngozi yetekisi nemoto encane okushone kuyo oyedwa kwalimala abathathu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUGWAZWE kwalinyazwa abantu ababili ezigamekweni ezahlukene kusukela ngoLwesithathu olwedlule.

Esigamekweni sokuqala owesilisa utholakale enamanxeba angu 11 okugwazwa kuChesterfield Road ngaphandle kwedolobha. Ngokubika kwabezimo eziphuthumayo bakwa ER24 babizwe endaweni yesigameko onogada abathola lona wesilisa.

Abakwa ER24 bathi lona wesilisa ubenenamanxeba okugwazwa esinyeni kanye nasesifubeni kanti kuthiwa wahlaselwa iqulu labantu abangaziwa.

Lona wanikwa usizo lokuqala maqede waphuthunyiswa esibhedlela saseNorthdale.

Esigamekweni sesibili ngeSonto kuphinde kwagwazwa isaguga esineminyaka engu 64 kade bezama ukusibamba inkunzi.

Abakwa ER24 bathi babizwe endaweni yesigameko ngezithuba zika 12 emini ngaphansi kwebhuloho eliku Church Street eduzane nomgwaqo onguthelawayeka.

“Lesaguga sithe besizama ukuthola ulift ngesikhathi sibhudukezwa amadoda angaziwa asiphoqa ukuba sikhiphe imali. Uzamile ukuthi abalwise kodwa bamhlula bagcina bemphuce imali maqede bamgwaza,” kusho isitatimende sakwa ER24.

Lesaguga kubikwa ukuthi sigwazwe esifubeni kanti siphuthunyiswe esibhedlela sisesimweni esibucayi. Amaphoyisa abesendaweni yesigameko ayaphenya.

Kushone oyedwa kwalimala abathathu ngoMsombuluko ngesikhathi imoto encane ishayisana netekisi emgaqweni uLongmarket kanye no Ritief maphakathi nedolobha.

Abezimo eziphuthumayo bathi bafice itekisi lilele amakiyane emgaqweni imoto encane yona ibingekude kakhulu netekisi.

“Abasizo lokuqala bathe uma bebheka bathola owesilisa eceleni komgwaqo obesekhishwe amalunga omphakathi emotweni encane. Ube esexilongwa kodwa kwatholakala ukuthi useshonile.”

Abanye abathathu akade behamba ngetekisi batholwe endaweni yesigameko belimele kancane. Babe sebephuthunyiswa esibhedlela iNorthdale ukuyothola ukwelashwa. Imbangela yengozi ayikaziwa kodwa amaphoyisa ayaphenya.

Abasizo lokuqala bathe uma bebheka bathola owesilisa eceleni komgwaqo obesekhishwe
amalunga
omphakathi
emotweni encane. Ube esexilongwa kodwa kwatholakala ukuthi useshonile.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.