Kugxekwe izenzo zobudlova esikoleni sase-Eastwood

2019-10-30 06:00
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaIsikole samabanga aphezulu i-Eastwood Senior Secondary.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaIsikole samabanga aphezulu i-Eastwood Senior Secondary.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMPHATHISWA wezemfundo esifundazweni saKwaZulu-Natal uMnu Kwazi Mshengu usenxuse abazali kanye nomphakathi wase-Eastwood ukuba usukume ubambane ngezandla uvikele isikole samabanga aphakeme kulendawo i-Eastwood Senior Secondary.

UMnu Mshengu ukusho lokhu emhlanganweni ophuthumayo ngoLwesithathu olwedlule mhla zili-16 kuMfumfu (October) ehholo lomphakathi wase-Eastwood.

Lokhu kulandela ngemuva kokuba kugwazwe kwabulawa umfundi wakulesi sikole kwaphinde kwalimala abanye abathathu ngoLwesibili mhla zili-15 kuMfumfu (October).

UHershel Fynn obefunda u-Grade 11 ugwazwe wabulawa omunye umfundi ngoba kade ezama ukulamulela umfundi wesifazane obekade egwazwe nguyena umsolwa ogwaze wabulala uHershel.

Lesi sigameko senzeke eduzane nesango lesikole ngesikhathi sokuphuma kwesikole. Kuthiwa ingxabano iqale ekuseni.

Ingxabano kuthiwa isuswe umdlalo odlalwa ngabafundi abenza umatikuletsheni obiza ngokuthi i-bombing gamenobuwenzeka ngoMsombuluko.

Kulo mdlalo abafundi bakamatikuletsheni bathatha amajazi omkhwenyana (condoms) bafake khona udoti ofana nendle, umphalazo kanye nokunye bese bejikijela abanye abafundi abangawenzi umatikuletsheni.

Lokhu kuthiwa bakwenza ngaphambi kokuba babhale izivivinyo zabo zokuphela konyaka.

UMnu Mshengu uthe into eyenzeka kulesi sikole sekufana neSodoma neGomora lapho abantu bezenzela khona noma ikanjani kodwa wathi bengumnyango angeke baze bakuvumele loko.

Uthe kwawona lomdlalo okuthiwa ususe udweshu akusiwona umdlalo kodwa isenzo esikhombisa ukudlebeleka esenziwa abantu.

“Sisanda kuthola nombiko wokuthi kulesi sikole kusikwe ucingo lokubiya ukuze abantu abangafundi kusona bakwazi ukungena kalula.

“Sekuyisikhathi sokuthi isikole sisiphathe ngendlela eyehlukile siyeke ukusiphathisa okwendawo edayisa uphuzo oludakayo.

“Isikole sidinga ukuphathiswa okwendawo engcwele. Akumele sivumele izingane ukuthi zingene nezikhali eziyingozi ezikoleni futhi singavumeli ukuthi izingane zingene nezidakamizwa ezikoleni,” kubeka yena.

Unxenxe amalunga omphakathi kanye nabazali ukuba abambisane ekubuyiseni isithunzi sakulesi sikole.

“Indawo yase-Eastwood inenkinga yezidakamizwa. Abantu abadayisa izidakamizwa basebenzisa abafundi ukuba babadayisele lezi zidakamizwa ezikoleni.

“Ngiyaninxusa nonke ukuba kusukela namhlanje nifunge nithi ukuthi nizoyilwa le nkinga. Asifuni futhi ukuthi siphinde silahlekelwe omunye umphefumulo. Le nkinga esibhekene nayo kulesi sikole izodinga okungaphezu kwemithandazo. Izodinga ukuba kwenziwe.”

Akusikona okokuqala ukuthi lomdlalo kamatikuletsheni ususe udweshu kulesi sikole. Ngonyaka wezi-2016 kwaboshwa abafundi abacishe balinganiselwe kwabangama-40 ngemuva kokuba beshaye othisha baphinde balimaza nempahla yesikole. Abafundi bakulesi sikole baveze ukuthi akusikona okokuqala ukuthi kube nezimpi kulesi sikole.

“Kuhleli kuliwa esikoleni njalo kodwa futhi akukho lutho okwenziwayo ngaloko ukuzama ukuthi kunqandwe inkinga.

“Akukho nje ukuphepha kulesi sikole ngoba uma ngabe kwenzeka into awazi ukuthi ubani ozokuvikela,” kusho omunye wabafundi okade ekhona emhlanganweni kodwa ongathandanga ukuba kudalulwe igama lakhe.

Abazali bezingane ezifunda kulesi sikole nabo bazwakalise ukukhathazeka kwabo ngezigameko ezenzekayo.

Umfundi oneminyaka eli-17 uboshiwe mayelana nalesi sigameko. Uvele enkantolo ngoLwesibili icala lakhe llihlehliselwe umhlaka 1 kuLwezi.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.