Kuhlakazeke umhlangano kushaywa ikhansela KwaPata

2018-03-21 06:00
UMnuz Nkosinathi Gambu oyikhansela laka-Ward 10 oshaywe ngesikhathi kunomhlangano womphakathi ngeledlule.ISITHOMBE: FACEBOOK

UMnuz Nkosinathi Gambu oyikhansela laka-Ward 10 oshaywe ngesikhathi kunomhlangano womphakathi ngeledlule.ISITHOMBE: FACEBOOK

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UPHELE sekumuncu umhlangano womphakathi endaweni yaKwaPata ngoLwesithathu olwedlule ntambama mhla zili-14 kuNdasa (March).

Lo mhlangano ububizwe amalungu omphakathi ngenhloso yokuthola izimpendulo ekhanseleni le ndawo uMnuz Nkosinathi Gambu mayelana nokuma kokusebenza kwezinkontileka ebezakha izindlu endaweni yase-Esiginsini.

Ngokuthola kwephephandaba i-Echo ngomthombo walo ongathandanga kudalulwe igama lawo nobukhona emhlanganweni uthe, umphakathi ubize lo mhlangano ngoba ungeneme ngokushaya konyawo lonwabu kwentuthuko kule ndawo.

“Umphakathi ubufuna ikhansela liziphendulele ngokuma kwezinkontileka ezakha izindlu. Umhlangano ubusuzo finyelela ngasemaphethelweni sekumele ikhansela liqhamuke nesisombululo sokuthi kuzokwenziwa njani.

“Kuvele kwaqhamuka itshe singalindele liqhamuke ngemuva layoqonda ngqo kuMnuz Gambu labe selimushaya ebusweni kwahlephuka izibuko wabe eseyopha.

“Ngiyacabanga ukuthi ikhansela lilibonile leli litshe ngesikhathi liza ngoba lizamile ukuvika kodwa ngicabanga ukuthi likwenze emva kwendaba.

“Ikhansela libe selisuka lahamba nabaqaphi balo ngemuva kwalesi sigameko wabhuntsha kanjalo ke umhlangano,” kubeka umthombo.

Uqhube wathi umphakathi usale ubuzana ukuthi kungabe ubani owenze isenzo esimbi kangaka? kanti isixazululo kugcine kungafinyelelwanga kusona.

Omunye umthombo obukhona emhlanganweni ongathandanga ukudalulwe igama lawo uthe ngemuva kwalesi sigameko ababoni ukuthi ikhansela liyophinda liwuhambele omunye umhlangano obizwe umphakathi.

“Ikhansela liwumuntu vele ongayihambeli imihlangano yomphakathi leli bekuyithuba lethu njengomphakathi ukuthi sikwazi ukuxoxisana nalo. Njengoba sekwenzeke lesi sigameko nje usezothola isizathu esiqinile ukuthi angasayihambeli imihlangano.”

Lo mhlangano kuthiwa ububizwe ngoba kunamahebesi okuthi izinkontileka ngeke zisaqhubeka ukwakha izindlu zemixhaso kule ndawo.

Lezi zinkontileka kuthiwa zagcina ukusebenza ngenyanga kaMasingana (January).

Ngesikhathi intatheli yephephandaba i-Echo ixhumana nekhansela, livumile ukuthi lesi sigameko senzeka laqinisekisa nokuthi umhlangano kwakuhloswe ngawo ukudingida udaba lokuma kokusebenza kwezinkontileka.

Lithe: “Ngemva kwesigameko ngahamba ngaya esibhedlela nalapho ngafika ngalaliswa khona usuku olulodwa ngabe sengiyaphuma. Kuyimanje ngilulamela ekhaya,” kubeka yena.

Nakuba uMnuz Gambu ehlelwa ilesi sigameko ukuqinisekisile ukuthi ngeke aze ayeke ukusebenzela umphakathi.

Uthe: “Ngeke ngize ngisho ukuthi angeke ngisahlangana nomphakathi ngoba kukhona lelo qeqebana labantu eliqoke ukusebenzisa umhlangano womphakathi ukufeza izinhloso zalo.

“Into engingayisho nje ukuthi ngiyale umphakathi ngokuthi uma kukhona ukungahambisa kwemibono asikho isidingo sokuthi kuze kusetshenziswe udlame ukuze kuzwane.

“Into ebalulekile ukubekezelelana njengabantu ukuze sizokwazi ukusebenzisana siqhubekele phambili.

“Umsebenzi wami ukuletha intuthuko kubantu kanti ikhona engisazoqhubeka ngikwenze,” kubeka yena.

UMnuz Gambu uthe uvule icala esiteshini samaphoyisa iPlessislaer.

Imizamo yokuthola okhulumela amaphoyisa esiteshini iPlessislaer uKapteni Musa Ntombela ibhuntshile njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.