Kuhlangene omkhaya eKZN

2018-02-07 06:01

IZIGAGAYI namabutho kanye nabaMnumzane kanye namalokishi amaningi aseKwaZulu- Natal abhekeke ukuthi athamele umdlalo womkhaya ngobuningi babo.

Phela amaqembu amabili aseThekwini nalandelwa kakhulu eKZN AmaZulu kanye neLamontville Golden Arrows bazotholana phezulu kuthule umoya ngalempelasonto.

Usuthu, Inyokana Eluhlazana, Umabona Abulawe uqobo, luzobe lubhekene nezifanyana zomkhaya zaseLamontville, Abafana Bes’thende phela.

Lomdlalo okubhekeke ukuthi uhehe nesinedolo ikhakhulukazi abalandeli abaqhamuka emahositela aseMlazi nakwaMashu uhlelelwe ukuthi ube ngeSonto enkundleni yaseMlazi iKing

Zwelithini Stadium.

Umqeqeshi weArrows uClinton Larsen uthi lomdlalo uzoba ngonzima kuwowomabili amaqembu kanti futhi kubhekeke ukuthi udlalwe ngokuqaphela nhlangothi zombili.

“Lomdlalo uzoba nzima kuthina sobabili.

Uyazi nawe uma kuhlangene umkhaya eThekwini. Ngiyacabanga ukuthi alikho ithimu engathi kuzobalula ngoba womabili lamaqembu azobe eqaphelene kakhulu.”

Kanti owadlala kakhulu oSuthwini nakuKaizer Chiefs waze waba ngukaputeni weBafana Bafana uNeil Tovey lomdlalo walamaqembu uzoba mnandi kodwa ube nzima.

“Kuzoba umdlalo omnandi womkhaya, kanti angeke kube lula. Ngiyathemba ukuthi kuzovalwa ngomuntu emnyango njengaleyaminyaka edlule,” kusho uTovey.

Kanti khona futhi ngeSonto, mhlaziyi 4 kuNhlolanja (February), eOrlando Stadium iMaritzburg United izobe izalelwe yinja endlini ngesikhathi bevakashela iOrlando Pirates.

Kulezinsuku iBhakaBhaka ibonakala isiqala ukuhlangana, kodwa-ke phela iTeam of Choice ngeke ibe nje imvu yomhlatshelo eGoli.

Kanti isiyonke imidlalo yePSL ihlelwe kanje:

February 2018:

February 2 Cape Town City FC v Mamelodi Sundowns 8pm Athlone Stadium

February 3 Free State Stars v Baroka FC 3.30pm Goble Park

February 3 SuperSport United v Bloemfontein Celtic 3.30pm Lucas Moripe Stadium

February 3 Wits v Kaizer Chiefs 6pm Bidvest Stadium

February 3 AmaZulu FC v Golden Arrows 8.15pm King Zwelithini Stadium

February 3 Orlando Pirates v Maritzburg United 8.15pm Orlando Stadium

February 4 Chippa United v Platinum Stars 3.30pm Nelson Mandela Bay Stadium

February 4 Polokwane City v Ajax Cape Town 3.30pm Old Peter Mokaba Stadium

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.