Kuhlaselwa izitolo zabokufika KwaDambuza

2018-03-07 06:00

SEBELALA obenyoni osomabhizinisi bokufika abane zitolo endaweni yaKwaDambuza njengoba sekunesihlava sokuhlaselwa kwabo babanjwe inkunzi.

Labo somabhizinisi bathi abakhululekile ngoba bayazi ukuthi bangabanjwa inkunzi noma yinini kanti lokho kucekela phansi amabhizinisi abo.

Isigameko esisanda kwenzeka sibandakanya ukubanjwa inkunzi kuhlonyiwe esitolo sukaMnuz Mengistu Arako wase zweni lase-Ethiopia, owaziwa ngelika ‘William’ ngoMsombuluko mhla zili-19 kuNhlolanja (February).

Bese kungokwesithathi uMnuz Arako ebanjwa inkunzi kule ndawo nalapho bethathe khona i-airtime nesamba semali angasidalulanga.

Uthe: “Okokuqala abalisa ababili bebengilinde ngaphambi komnyango wesitolo bephethe izibhamu. Bangifutha ngesisa esikhalisa unyembezi (pepper spray) ukuze ngingaboni. Bangiphoqa ukuba ngingene ngaphakathi bathatha i-airtime, ugwayi nemali yonke eyayikhona.

“Baphinda babuya futhi ngemuva kwamasonto bafika babulala udonga ngemuva esitolo.

“Baphinda bafuna izinto ezifanayo i-airtime imali, nogwayi bathatha ne-DVD ne-amplifier,” kubeka uMnuz Arako.

Uqhube wathi uma ngabe bebika emaphoyiseni, amaphoyisa afika sekuphele amahora isigameko senzekile nezigebengu sezibalekile.

UMnuz Daued Yusuf ongowase Malawi naye ongusomabhizinisi kule ndawo, uthe selokhu afika kule ndawo eminyakeni engaphezu kweyisihlanu eyedlule akaze akuthole ukuphumula.

Uthe: “Bahleli bengibamba inkunzi bengikhomba ngezibhamu befuna imali, i-airtime nogwayi. Sekukaningi bekwenza lokhu. Bagcine ukufika ngoZibandlela [December] nalapho befike bathatha khona izinto ezifanayo,” kusho yena.

Uqhube wathi kwesinye isikhathi lezigilamkhuba zifika zizifihle ubuso bese zibakhomba ngesibhamu zithathe yonke into eziyifunayo.

“Angisabahluphi sengivele ngibanikeze into abayifunayo ngapandle kokuphikisana nabo ngoba ngisuke ngisabela impilo yami ukuba bangangilimazi.

“Bake bazama ngisho ukungena ngophahla lwesitolo ngaphambilini kodwa bahluleka. Lento abayenzayo ayigcini nje ngokusihlukumeza imimoya kodwa ilimaza namabhizinisi lethu.

“Nathi siyazizamela sondla imindeni yethu futhi siyadinga ukuphathwa njengamalungu alo mphakathi.”

Omunye usomabhizinisi wokufika onesitolo kule ndawo kodwa ongathandanga kudalulwe igama lakhe uthe sebeyazi ngalesi sihlava kodwa bebengakahlaselwa.

Amalungu omphakathi ale ndawo athe ayazwelana nalabo somabhizinisi futhi afuna kube khona into eyenziwayo ukubalekelela ukuze kuqedwe lesi sihlava.

UMnuz Sonwabile Gasa uthe ibaphatha kabi bewumphakathi lento eyenzekayo ngoba ibenza babukeke kabi bewumphakathi.

“Ungathola ukuthi iqeqebana nje elincane elibhema iwunga elenza lento kodwa manje kuzothiwa abantu bakule ndawo abahluphayo. Siyazwelana kakhulu nabafowethu abahlukumezekayo.

Siyafuna ukuthi lento iphele siphilisane kahle sonke,” kusho yena.

UMnuz Ntokozo Nxele uthe umphakathi kumele usebenzisane kanye namaphoyisa ukuze kubanjwe lezi zigilamkhuba.

Uthe “Labantu abenza lemikhuba bayaziwa ukuthi ngobani. Kumele sibambisane siwumphakathi ukulwa nalesihlava.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.