Kuhlehle umngcwabo bengasitholi isidumbu

2018-11-21 06:02
PHOTO: lethiwe makhanyaAmasango angenela esibhedlela i-Fort Napier.

PHOTO: lethiwe makhanyaAmasango angenela esibhedlela i-Fort Napier.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IPHAMBENE amakhanda imindeni enezihlobo zezidumbu ezisemakhazeni asesibhedlela i-Forth Napier Medico-Legal Mortuary njengoba sebetshelwe ukuthi abamise amalungiselelo emingcwabo ngoba basakude ukuthola imizimba yezihlobo zayo.

Lokhu kulandela ukuhudula izinyawo kwabasebenzi okuqhubekayo (go-slow) njengoba bekhala ngokuthi bafuna kubhekelelwe izimfundo zabo.

Lemndeni ekhulume ne-Echo ithe sekukaningi begqigqa kulesi sibhedlela ngethemba lokuthi bazothola imizimba yezi hlobo zayo kodwa batshelwa ukuthi basakude ukuyithola. Bathi abasebenzi bakule ndawo lapho kuhlinzwa khona izidumbu babatshele ukuthi bahlinza izidumbu ezimbili kuphela ngosuku ngoba abanelisikile ngezinto ezithile ngaphakathi emsebenzini wabo kanti bafuna ukuthi uNgqongqoshe wezeMpilo esifuindazweni saKwaZulu-Natal uDktl Sbongiseni Dhlomo eze azoxoxisana nabo.

UNks Nomusa Msomi wase Lincoln Meade uthe yena washonelwa indodakazi yakhe eneminyaka emithathu mhlaka-1 kuLwezi (November) kanti bekumele ayifihle ngomhlaka 4 kuLwezi kodwa kuze kube imanje loko akukakenzeki.

“Sibuhlungu kakhulu ngalento eyenzekayo ngoba okokuqala thina silahlekelwe kodwa futhi manje asikwazi ukuthola ingane yethu ukuze sizokwazi ukuthi sihambe siyoyingcwaba ngesizotha.Asisazi ukuthi kumele sikhalele kuphi manje, sikhalele ukuthi sishonelwe okanye sikhalele ukuthi asikwazi ukuthola umzimba wakhe. Sigqigqa kule ndawo zinsuku zonke ngethemba lokuthi sizothola ukusizakala kodwa kuyafana nje. Sesikhalela ngisho kungathiwa abasinikeze imizimba wakhe ngisho kuthiwa abawuhlinzanga ke sizobonele ukuthi senze njani. Sicela bangasifaki thina ezinkingeni zabo abanazo nomqashi ngoba siyahlukumezeka,” kubeka yena.

UMnu Kotshi Mbatha waseMtshezi uthe yena indodakazi yakhe uNobuhle Mbatha washona ngoLwesihlanu olwedlule kodwa ubenethemba lokuthi ngoMsombuluko mhla zili-13 kulwezi (November) uzokwazi ukuthi athathe umzimba wakhe amufake emakhazeni omndeni ukuze bezomungcwaba ngempelasonto kodwa ithemba akasenalo lokuthi loko kuzokwenzeka.

“Bangitshele ukuthi mhlawumbe kungenzeka ngize ngithole isidumbu sakhe ngenyanga ezayo ngoba basebenza abantu ababili kuphela ngosuku. Kumanje angazi noma ngizogcina ngikwazile yini ukuthi ngifihle umntwana wami ngoMgqibelo mhla zili-17 kuLwezi njengoba kade ngihlelile,” kubeka yena.

UMnu Mahawukela Kunene yena uthe : “Ingane yami min a ishone izolo namhlanje bengithi ngizo bheka ukuthi kuhamba kanjani njengoba ngilungisela umngcwabo. Abasebenzi bangitshele ukuthi angingazihluphi nje ngokulungisela umngcwabo ngoba ngingunamba-31 ngisakude kabi ukuthola umzimba wendodana yami uSyabonga.

Okungiphatha kabi kakhulu indlela engimfice eyiyona ngoba basivumelile ukuthi singene ngaphakathi sibabone ngimufike egobhoza igazi engingalazi nami ukuti luvelaphi,” kubeka yena.

Lemindeni ebibukeka ikhathazekile ithe izonikela ehhovisi likangqongqoshe ukuyofuna izimpendulo zokuthi kungani behlukumezeka kangaka.

Baphinde baveza nokuthi into ebakhathaza kakhulu ukuthi amalunga emindeni yabo bangaze bawathole esonakele njengoba kade bekhala ngephunga elibi nabathe basola ukuthi iziqandisi azisebenzi.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo esifundazweni saKwaZulu-Natal uNcumisa Mafunda uthe uMnyango uyazi ngokuphazamiseka kokusebenza kulendawo.

Uthe uMnyango futhi uyazi nangezinkinga zangaphakathi eziphakamiswa abasebenzi nathe uMnyango vele usumatsa uyazibheka lezo zinkinga.

“Abasebenzi batsheliwe ukuthi uma kungukuthi bayaqhubeka naloko okuyisiteleka esingekho emthethweni futhi esingavikelekile, bazothola umvuzo wokwenza loko.

Abasebenzi baceliwe ukuba babuyele emsebenzini ngesikhathi uMnyango ilinde izimpendulo kulolu daba lwabo.

Umnyango usungula indlela yokunciphisa ukuphazamiseka kokusebenza okujwayelekile ngenxa yaloku,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.