Kuhlelwe umcimbi wabesifazane

2018-11-07 06:03
ISITHOMBE: sithunyelweLynette Ntuli ozobe eyisikhulumisi sosuku.

ISITHOMBE: sithunyelweLynette Ntuli ozobe eyisikhulumisi sosuku.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUHLELWE umcimbi wokukhuthazana phakathi kwabantu besifazane abasebancane nozobanjelwa ePunoza Boutique Hotel KwaMpumuza ngoMgqibelo mhlaka-3 kuLwezi (November) kusuka ngehora lesithathu ntambama (3 pm).

Lo mcimbi obizwa ngokuthi i-Ladies Circle Experience uzobe wenzeka okwesibili kulonyaka kanti kuhloswe ngawo ukunikeza ithuba abantu besifazane ukuba bahlangane baxoxe ngezinto ezahlukene bebodwa. Uzophinde uhlanganise nomkhankaso wezinsuku ezili-16 zokuqwashisa ngokuhlukunyezwa kwabantu besifazane kanye nezingane nowaziwa nokuthi i-16 Days of Activism.

Ngokusho komhleli walo mcimbi uMnuz Ndumiso Nzuza uthe into eyenza ukuba baqale umcimbi onjengalona ingoba bakholelwa ukuthi ziningi izinto abantu ebesifazane abangakwazi ukuzenza ngaphandle nje ngokuba amakhosikazi ahlala endlini angenzi lutho.

“Leli ithuba labo lokuba bafunde ngezinto ezahlukene abangazenza emikhakheni eyahlukene abafuna ukuzithuthukisa kuyona.

“Kulo nyaka isikhulumi sethu sonyaka umuntu ophuma kwezezindlu kanye nezengqalasizinda nokuyimikhakha ekugcwele kakhulu kuyona abantu besilisa.

“Sifuna abantu besifazane bazifunde lezi zinto bazi futhi ukuthi akhona amathuba abo noma ikomuphi umkhakha abawuthandayo,” kubeka yena.

Uthe abafuna nokuthuthukisa baphinde bakhuthaze abesifazane.

Amathikithi okungena kulo mcimbi abiza-R100 kanti ayatholakala ngokuthi ushayele lenombolo: 079 964 5095.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.