Kuhlelwe unobuhle wabaphila ngokukhubazeka

2016-07-20 06:00
PHOTO:supplied UThato Jonkoro wase Ashdown ohlele umcintiswnao wabantu abaphila nokukhubazeka

PHOTO:supplied UThato Jonkoro wase Ashdown ohlele umcintiswnao wabantu abaphila nokukhubazeka

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

I-MOCHACHOES Entertainment ihlele umncintiswano wonobuhle wabantu abaphila nokukhubazeka.

Lomncintiswano obizwa ngele ‘Nathi Sibahle Beauty Contest’ uhlelelwe inyanga ka Septhemba nonyaka kanti ngokusho komunye wabahleli bawo uThato Jonkoro wase Ashdown, uwenze ngoba efuna ukugqugquzela ukuzethemba kulezo zintokazi eziphila nokukhubazeka.

“Sifisa ukubenza nabo bazizwe bamukelekile emphakathini, sibonile benzelwa okuhle kodwa akekho oke wanaka ukuthi nabo bahle. Isona sizathu esenze sawetha leligama.”

UJonkoro uthe lomncintiswano uvuleleke kulabo abahamba ngama wheel chairs, ama-crutches, abangaboni emehlweni kanye nalabo abangezwa.

“Sifuna baziqhenye ngento uNkulunkulu ayibeke kubo. Nami ngingomunye wabo ngoba nami ngiphila nakho ukukhubazeka kodwa ngiyaphila usomandla uyangisiza endleleni. Ngiyanxusa kubantu abangosomabhizinisi ukuthi bangelekelela ukuphusha lombono uye phambili njengoba ngingenalutho esandleni.”

“Sibonga kakhulu nakulabo asebevelile ukulekelela njengobaba uMduduzi Hlophe kanye noMonica wenkampani yokucwala ubuso nezinzipho iMobella Beauty Palour okunguyena ozobe ecwala izintokazi ezizongenela lomncintiswano.”

Ube esenxusa ukuba nabanye baqhubeke balule isandla ukuze lomcimbi ube yimpumelelo.

“Siyacela nalabo abanekhono lokuqeqesha onobuhle beze bazolekelela ngoba isifiso sami ukubona iMochachoes igcine ihlela umncintiswano kazwelonke wabantu abaphila nokukhubazeka.”

Mayelana neminye imininingwane ngalomcintiswano ungaxhumana naye ku

0765524057 okanye umthumelele i-email ku goodmanjonkoro@gmail.com

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.