Kuhlelwe uzime

2018-06-27 06:01
ISITHOMBE: sithunyelweOzime abadla umhlanganiso ngonyaka owedlule (kusuka kwesokunxele) uBianca owalala isithathu, uBella owabashaya bonke emakhanda kanye noNonhle owalala endaweni yesibili.

ISITHOMBE: sithunyelweOzime abadla umhlanganiso ngonyaka owedlule (kusuka kwesokunxele) uBianca owalala isithathu, uBella owabashaya bonke emakhanda kanye noNonhle owalala endaweni yesibili.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMCIMBI wokuthuthukisa intsha ngolwazi uhlangene nomcimbi kazime wezikole zamabanga aphakeme zase-Edendale uyabuya futhi mhla ziyi-15 kuNtulikazi (July) eCaluza Sports Indoor Centre.

Lo mcimbi ohlelwe iBhekisipho Entertainment kanye ne-Sanda Cool kuhloswe ngawo ukuthuthukisa intsha ngolwazi kuphinde kukhethwe ozime abazomela izikole zase-Edendale kuphinde kufundiswe nentsha indlela yokuziphatha.

Umsunguli weBhekisipho Entertainment nophinde abe umgqugquzeli walo mcimbi uMnuz Xolani Nzimande utshele i-Echo ukuthi lena ngenye yezindlela abazama ngayo ukugcina intsha imatasatasa ingagcini isingena kwizinto ezingalungile njengokugxila ophuzweni oludakayo, izidakamizwa kanye nobugebengu.

Uthe: “Lo mcimbi owazo zonke izikole ezikhona endaweni yase-Edendale. Inhloso yethu njengoba sihlanganisa le micimbi yomibili okazime kanye nomcimbi wokuthuthukisa intsha ngolwazi ingoba sifuna ukuthuthukisa intsha ngolwazi ikakhulukazi ulwazi lwemfundo.

Sifuna bazi ukuthi imfundo iyona ehamba phambili. Sekungokwesibili senza lo mcimbi futhi sizimisele ukuqhubeka siwenze minyaka yonke. Intsha kumele yazi ukuthi ngaphambi kokuthi wenze noma yini empilweni okubalulekile ukuthi ube nemfundo kuqala ngisho kungabe unethalente elingakanani kodwa kumele uqale ufunde kuqala,” kubeka yena.

UMnuz Nzimande ube esenxusa ozime abafuna ukungenela lo mncintiswano ukuba bebhalise ngokushesha ukuze bezogwema ukuphoxeka.

Isikole esadla umhlanganiso ngonyaka ophelile iNyonithwele Secondary School kanti kulindeleke ukuba sibuye futhi kulo nyaka sizovikela isicoco saso.

Inani lemali yokungenela kulabo abazomodela u-R50 umuntu ngamunye kanti kulabo abazobukela ukungena u-R20 umuntu ngamunye.

I-cooler box nayo ivumelekile ngemali engu-R50. Kuzophinde kube khona umcimbi wokuvala ozoba endaweni yokuzijabulisa kwaKhawula.

Ngeminye imininingwane shayela inombolo ethi: 060 639 0460.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
 

How your dog can tell what you’re feeling

Researchers have found a specific area in a dog’s brain that recognises human faces – a finding that may help to explain why dogs are so sensitive to human social cues.

 

Paws

Share your 67 minutes with animals in need this Mandela Day
Kevin Anderson’s dog is winning at Instagram!
Kim Kardashian-West buys fake testicles to boost her dog’s self-esteem
10 tips on exercising your dog
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.