Kuhlonishwe izimbongi ngezindondo

2019-12-04 06:00
Imbongi uVuyiswa Xaba (kwesobunxele) noNduduzo ‘Gubhela’ Mkhize ongomunye wabahlonishwe ngezindondo.IZITHOMBE: ZITHUNYELWE

Imbongi uVuyiswa Xaba (kwesobunxele) noNduduzo ‘Gubhela’ Mkhize ongomunye wabahlonishwe ngezindondo.IZITHOMBE: ZITHUNYELWE

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UBE impumelelo umcimbi wokuhlonishwa kwezimbongi obuse hholo lomphakathi eMbali Unit 13 ngoMgqibelo mhla zingama-22 kuLwezi (November).

Lo mcimbi owethiwe ngokuthi-SA Poetry Awards bewenzeka okokuqala ngqa kulo nyaka kanti ubuhlelwe ngenye yezimbongi zakhona eMgugungundlovu u-Eric ‘Ntatheli Wasemazulwini’ Phetha.

Lo mcimbi ubuhlanganisa izimbongi eziphuma ezifundazweni eziyisikhombisa. Kuhlonishwe izimbongi ezilishumi emikhakheni eyahlukene kwaphinde kwahlonishwa namalunga omphakathi enza kahle emphakathini. Umhleli walo mcimbi nomsunguli wawo uNtatheli waseMazulwini uthe inhloso yalo mcimbi ukuhlonipha izimbongi nokuzikhuthaza ngomsebenzi wazo omuhle eziwenzayo .

“Isikhathi esiningi izimbongi azinakwa ngoba ngisho kunemicimbi yezindondo kukancane uthola lapho kukhona khona noma kunomkhakha wezimbongi. Lo mcimbi wezindondo sihlose ngawo ukuthi sihloniphe izimbongi nje kuphela ngoba mukhulu umsebenzi eziwenzayo zilapha imiphefumumlo yabantu ngezinkondlo,” kubeka yena.

Uqhube wathi ujabule kakhulu ukuthi lo mcimbi ube impumelelo wathi ufisa ukuthi ngonyaka ozayo ukhule kakhulu ukwazi ukuba nezimbongi eziningi ezizoqokwa zihlonishwe ngezindondo.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.