Kukhalwa ngokubulawa kwabantu eMbali

2019-07-03 06:02
ISITHOMBE: sithunyelweKungesikhathi uNgqongqoshe uMnu Mxolisi Kaunda ekhuluma namalunga omphakathi eMbali ngoLwesihlanu.

ISITHOMBE: sithunyelweKungesikhathi uNgqongqoshe uMnu Mxolisi Kaunda ekhuluma namalunga omphakathi eMbali ngoLwesihlanu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKUBULAWA kwabantu kanye nokudunwa kwezimoto ibona bugebengu obuhamba phambikli endaweni yaseMbali.

Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi esifundzazweni saKwaZulu-Natal uMnu Mxolisi Kaunda ngesikhathi enomhlangano namalunga omphakathi aseMbali ngoLwesihlanu mhla zingama-21 kuNhlangulana (June) ehholo laseMbali Unit 1.

Uthe esikhathini esingangengezinyanga ezintathu sekubulawe abantu abane eMbali, ilandelwa iDambuza ne-Edendale ngabathathu, KwaPata, Peaceville, Ashdown, Mbutshane kanye naseWillowfontein ngababili.

“ Kumele siyiqede leyonto yokuthi kubulawe abantu abangenzanga lutho.Umbhedo lowo kumele siyiqede leyonto.

“Ngiyafisa ukuthi umphakathi waseMbali nawo uphile izimpilo ezifana nezabanye abantu ezingenabo ubugebengu obusezingeni elikhulu kangaka. Lobu bugebengu obusixakile la kulo mphakathi benziwa izingane zethu. Angeke kuze kusuke umuntu wakude azokwenza ubugebengu la. Uma ngabe benziwa omunye umuntu lowomuntu kusuke kukhona omunye amaziyo khona eMbali nokunguyena omunikeza ulwazi ngokwenzekayo,” kubeka yena.

Unxuse amalunga omphakathi ukuthi uma ngabe kukhona izigebengu abahlala nazo endlini bazidedele manje bazinikele emaphoyiseni ngoba sekuyisikhathi sokuthi kuliwe nobugebengu.

“Kumele sibambisaneni ukulwa nobugebengu ngoba niyabazi abantu abenza ubugebengu. Niyabezwa ngesikhathi besaxoxa behlela ukwenza ubugebengu. Kubalulekile ukuthi sibanqande ngaphambi kokuba babenze lobo bugebengu,” kubeka yena.

Uthe ufuna ukuthi kusetshenziswe amahholo emiphakathi ukuqeqesha abantu besifazane ukuze kuzogwemeka ukuba

“Sihlanganile-ke namaphoyisa sadingida ukuthi sizolwa kanjani nobugebengu. Sizobuya ngenyanga kaNcwaba (August) ngalesosikhathi sifuna ukuthi sibe sesizwa ngani selinjani izinga lobugebengu.

“Sifuna ukuthi nibe namakomidi emigwaqo okuyibona abazoqapha sonke isimo ngoba nonke niyazama nonke njengomakhelwane. Kumele nazane nonke ukuze nizokwazi ukubona isigebengu uma ngabe kufika isigebengu endaweni.”

Umphakathi uphindwe wanikezwa inombolo ka-WhatsApp lapho bezobika khona ubugebengu. Uma ngabe kukhona ubugebengu ofisa ukububika : 063 697 9569. Le nombolo isebenza ku-WhatsApp kuphela.

Amalunga omphakathi nawo azwakalise izinkinga abhekene nazo endaweni yaseMbali . Elinye Ilunga lo mphakathi lithe banenkinga yokugqekezelwa belele ebusuku.

“Siyalubika udaba emaphoyiseni kodwa kungaboshwa muntu. Kwesinye isikhathi size sicabange ngisho ukuzithathela umthetho ngezandla kodwa ngemuva kwenkulumo kangqongqoshe sesinethemba lokuthi kuzoba khona ushintsho. Asisalali ilezi zigebengu ezingamaphara,” kubeka yena.

Umphakathi uphinde wanxusa ukuthi kuvulwe isiteshi samaphoyisa esiseMbali Unit 2 kungangcini njengokuthi kwenziwe izincwadi ezifungelwe.

Ungqongqoshe uvakashela kule ndawo nje ezinyangeni ezimbili ezedlule amaphoyisa asesiteshini i-Plessislaer abemashele kulendawo nalapho kade ezoqwashisa khona ngobugebengu.Kanti emasontweni amabili edlule kusanda kutholakala izimoto ezishisiwe eMbali.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.