Kukhalwe ngokungahlinzekwa ngezidingo zomphakathi

2017-10-18 06:00

AMALUNGU esiShayamthetho saKwaZulu-Natal abenomhlangano nomphakathi waseMgungundlovu kanye namalungu amakomidi wamawadi angaphansi kukamasipala waseMsunduzi ngoLwesine oledlule mhlaziyi 5 ku-Okthoba ehholo laseMgungundlovu.

Inhloso yalomhlangano bekungukunikeza umphakathi waseMgungundlovu ithuba lokwethula izikhalo zabo mayelane nokulethwa kwezidingo emphakathini nokucaciseleka ngezi zathu zokubambezeleka kwalokhu kumanye kwamawadi aseMsunduzi.

Ilungu lomphakathi wakwaWadi 13, uSbonelo Thahla uthe umphakathi wakulendawo udinga ukuchazelwa ngokuthi ipayipi lokuthutha indle lizofakwa nini njengoba izindlu zangasese zakulendawo zingenalo ipayipi elidonsa indle kanti eminye imizi isebenzisa imigodi okuyinto eyehlisa isithunzi sabantu.

Elinye ilungu lakwaWadi 13, uLungile Mkhize uthe lewadi inkulu okwenza ukuthi sibekhona isidingo sokuthi yakhelwe umtholampilo, inkundla yezemidlalo kanye nohholo lomphakathi.

“Njalo umakunemihlangano yomphakathi siphoqeleka ukuthi siqashe itende ngoba ihholo asinalo ewadini,” kusho uMkhize.

UThokozani Hlabisa, naye ongumhlali wakwaWadi 13, uthe kwezinye izindawo ezingaphansi kwalewadi kudingeka izindlela zokuhamba ngezinyawo eziseduze nomgwaqo ukuze izingane zesikole zizovikeleka ekushayisweni izimoto ngenkathi ziya esikoleni.

Esinye isikhalo esiphakanyiswe yilungu lalomphakathi waseWadi 13 endaweni yase-France, uBongani Majola, besimayelana nezinga eliphezulu lokusetshenziswa kwezidakamizwa kanye nobugebengu kulendawo.

Uthe ukungabi khona kwezibani zomgwaqo kuWadi 13 eFrance kunomthelela ekunyukeni kwezinga lobugebengu kulendawo.

Isikhalo ngobugebunge siphinde saphakanyiswa nguMlondi Vilakazi ohlala kuWadi 35 othe ukugqekezwa kwezindlu kulendawo kwenyuke kakhulu.

Uqhube ngokukhalaza ngamaphoyisa aseMountain Rise abhekelele lendawo wathi awawuwenzi ngokufanelekile umsebenzi wawo kanti nesiteshi samaphoyisa esikhona kulendawo sibuye sivalwe ngenxa yokungabibikho kwephoyisa elisebenzela khona.

Omunye umphakathi onesikhalo ngamaphoyisa owakwaWadi 14. Lokhu kuvele ngesakhamuzi sakulewadi, uMusa Zuma othe umphakathi wakulendawo uphoqeleka ukuthi ukhiphe imali eningi uma udinga ukuya esiteshini samaphoyisa asePlessislaer.

Umbono kaZuma ngalokhu uthe mhlasimbe uma kungafakwa isiteshi samaphoyisa esingumahamba nendlwane kungasiza ekutheni kwehle izinga lobugebengu kulendawo.

Ezinye zezikhalo ezibekwe amalungu omphakathi kulomhlangano bezimayelana nokwakhiwa kwemigwaqo nezindlu zomxhaso kahulumeni kanye nokudliwa ngokungemthetho komhlaba ngamanye amalungu omphakathi kanye nokutholakala komhlaba okungakhiwa kuwona izindlu zomxhaso.

Amanye amalungu omphakathi akhale ngokungabi nawo ugesi namanzi ezindaweni abahlala kuzona.

Usotswebhu uMnu. Truman Magubane uthe zonke izikhalo ezibekwe ngumphakathi zizodluliselwa kwiminyango efanelekile kanti izimpendulo zizokwethulwa mhlaziyi 3 nango 4 ku-Novemba esiShayamthetho.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.