Kukhethwe u-Miss Spring Imbali Unit 18

2018-10-17 06:04
IZITHOMBE: ZITHUNYELWENkazimulo Langa onqobe kowezingane.

IZITHOMBE: ZITHUNYELWENkazimulo Langa onqobe kowezingane.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABANTU bebephume ngobuningi babo ukuzokwethamela umcimbi wokuqala ngqa wonobuhle obizwa ngokuthi u-Miss Spring Imbali Unit 18 nobubanjelwe esontweni ngoMgqibleo mhla ziyi-6 kuMfumfu (October).

Lo mcimbi obuhlelwe nguNdumiso Ngcane ubuhlukanise imikhakha emibili; okungowezingane ezincane kanye nesezikhulile (teenagers).

UNkazimulo Langa ukhale wemuka nesicoco emkhakheni wezingane, kowabasebekhulile kwanqoba u-Ongakithi Makhubela, uYolanda Nzimande ulale isibili kwathi uMinenhle Madonsela yena walala isithathu.

Inhloso yalo mcimbi bekuwukuhlanganisa umphakathi ndawonye ikakhulukazi izingane kanye nentsha ukuze bathole nethuba lokuveza amakhono abo ehlukene.

Umhleli walo mcimbi uNks Ngcane uthe kumjabulise kakhulu ukubona ithalente elihlukile nabebengazi ukuthi likhona endaweni yabo.

“Izingane zethu zinamathalente, sidinga nje ukuthi sizigade sizifake endleleni elungile ukuze kuzovela amathalente azo.

“Bekuqala ukuthi kwenzeke into enjengalena endaweni yethu kusuka kudala sisakhula kanti into engiyibonile abantu bayijabulele kakhulu kangangokuba besebecela ukuthi ngiphinde ngenze enye futhi maduze,” kubeka yena.

Uthe lo mcimbi usuzoba yinto yaminyaka yonke kodwa wathi usazoqhubeka enze eminye futhi imicimbi ukuze ezovundulula amathalente ahlukile kule ndawo.

“Ngifuna ukwenza into eyehlukile nezokwenza ukuthi intsha kanye nezingane zethu zihleli zimatasa ngezinto ezilungile ayi izinto ezifana nezidakamizwa kanye nophuzo oludakayo, ikakhulukazi ngezikhathi zamaholidi.”

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.