Kukhulekelwe abafundi bakamatikuletsheni

2019-10-23 06:01

IZIPHATHIMANDLA zikahulumeni ngaphansi kukaMasipala wase Mshwathi zinxuse abafundi abenza ibanga leshumi ukuba basebenze ngokuzikhandla njengoba kulindeleke ukuthi kuqale izivivinyo zokuphela konyaka esikhathini esingangesonto.

Lokhu kwenzeke ngoLwesibili emcimbini womkhuleko obuhloswe ngawo ukuzokhulekela izivivinyo zokuphela konyaka ehholo lomphakathi e-Cool Air. Izikole ezingama-20 beziyingxenye yalomkhuleko.

IMeya yoMasipala waseMshwathi ukhansela Mandla Zondi unxuse abafundi ukuthi bazithibe kancane ezintweni zobumnandi njengoba sekusele isonto elilodwa vo ngaphambi kokuba baqale ukubhala. Uthe lesi isikhathi sokusebenza kanzima kungalalwa ngoba indlela eya empumelelweni isiseduze.

“Namuhla sizonxusa kuNkulunkulu ukuthi labo abasebenze kanzima baphumelele ezivivinyweni, sizokhulekela zonke iziqalekiso ezingaphazamisa impumelelo nokubhala kwabafundi”, kuchaza uZondi.

Izivivinyo zokuphela konyaka zilindeleke ukuthi ziqale ngephepha lesiNgisi ngoLwesithathu oluzayo mhla zingama-23 kuMfumfu (October) kanti abafundi banxuswe ukuthi behlise umoya bafundisise kahle imibuzo baphinde bathathe isikhathi esanele ukuyiphendula.

Ngokusho kuka Mnu Thulasizwe Mvubu, ongungoti wezemfundo (education specialists) esiFundeni uMgungundlovu uthe isiyingi saseMshwathi singesinye kwezihamba phambili esiFundeni sase Mgungundlovu. UMvubu uzwakalise okukhulu ukuzigqaja ngalokhu waphinde wabonga othisha ngokubamba iqhaza elibonakalayo ekuthuthukiseni isimo semfundo kulendawo. -Umbiko: Sibusiso Mkhithi.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.