Kukhulekelwe abafundi bamatikuletsheni KwaMpumuza

2018-10-31 06:01
ISITHOMBE: lethiwe makhanya Kungesikhathi kunomkhuleko wabafundi bakamatikuletsheni.

ISITHOMBE: lethiwe makhanya Kungesikhathi kunomkhuleko wabafundi bakamatikuletsheni.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INKOSI yaKwaMpumuza ngaphansi kwesizwe sakaZondi Inkosi Nsikayezwe Zondi ukhuthaze abafundi bakamatikuletsheni ukuba bazimisele ngezifundo zabo njengoba sebebhalela imiphumela yokuphela konyaka.

UNdabezitha ubekhuluma emcimbini wokukhulekela laba bafundi obusezinkundleni zemidlalo kule ndawo ngoLwesine olwedlule mhla zili-18 kuMfumfu (October).

Lo mcimbi besekungokwesibili wenzeka kulo nyaka kanti ubuhlanganise zonke izikole ezingaphansi kwakhe uNdabezitha okubalwa kuzona iNtsika, Msimude, Laduma, Phayiphini,Shayabantu kanye neSyanda High School.

Ekhuluma ne-Echo uNdabezitha uthe bakubona kubalulekile ukuba benze lo mkhuleko njalo ngaphambi kokuba abafundi baqale izivivinyo zabo zokuphela konyaka.

“Siyazi ukuthi ngaso sonke isikhathi kuba khona imimoya emibi (Satanism) eyaye ihlasele ezikoleni uma sekuzobhalwa okanye uma sekubhalwa uthole ukuthi abafundi sebeyaphazamiseka. Sibone kufanele ukuthi sizomema uNkulunkulu ukuze abafundi uma sebebhala babhale uNkulunkulu simumemile.

“Ngonyaka owedlule sawenza wakhombisa ukuba impumelelo baphumelela abafundi baba baningi kanti siyathemba ukuthi nakulonyaka futhi bazophinde baphumelele abafundi,” kubeka yena.

UNdabezitha uphinde waveza ukuthi uma ngabe sekuphume imiphumela kamatikuletsheni ngenyanga kaMasingana (January) ngonyaka ozayo kuzobe kunendondo azoyikhipha ayinikezele isikole esenze kahle kulezi eziyisithupha ekade ziyingxenye yalo mkhuleko.

“Kulezi zikole eziyisithupha esikade sizikhulekela isikole esithole u-100% sizomuklonyeliswa ngalendondo. Ngisho noma kuthiwa akusabanga u-100% uma ngabe senze kahle saphasa sazehlula zonke sizoklonyeliswa. Lena ngenye indlela esizama ngayo ukukhuthaza abafundi ukuba bazimisele benze kahle kakhulu ezifundweni zakule ndawo.”

Ikhansela lakule ndawo eliphinde libe uSomlomo wakuMasipala uMsunduzi uNkk Jabu Ngubo nobeyingxenye yalo mkhuleko uthe bekubaluleke kakhulu ukuba kubanjwe lo mkhuleko ngaphambi kokuba abafundi baqale izivivinyo zabo neziqale ngoLwesibili mhla zingama-23 kuMfumfu (October).

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.