Kukhulekelwe abafundi eSobantu kuqala unyaka

2017-02-01 06:03

ABAFUNDI bezikole zaseSobantu babuthelane ehholo lomphakathi iMfenendala ngoLwesihlanu olwedlule lapho kade kubanjwe khona inkonzo yokuvula unyaka.

Lenkonzo ebihlelwe i-ANCYL ngaphansi kuka -wadi 23 ibihanjelwe abafundi baseKhwezi, Russel, ne Sobantu High kanye nezikhulu eziqhamuka emnyangweni eyahlukene nabefundisi.

Ngokusho kwekhansela lendawo uSandile Dlamini njengekomidi ngokubambisana nesigaba sentsha babone kukuhle ukuthi abafundi bathole umkhuleko ukuze bagqugquzeleke ukuqhubeka nemfundo.

“Kunezingqinamba eziningi ezibhekana nabafundi esibone kukuhle ukuthi sizikhulekele ngaphambi kokuthi kuqale unyaka njengenkinga yezidakamizwa edlangile kulendawo.

Sifuna abafundi bazi ukuthi njengoba ngoDisemba kade bethi ‘Akulaleki’ lawomagama sekufanele ashintshe kodwa bathi ‘Akulaleki imfundo ungenayo’. Imfundo iyona ekulekelelayo ukuze ukwazi ukuphila ngakho kubalulekile ukuthi abafundi baqale bahlelele ikusasa labo besasemazingeni aphansi emfundo.”

UDlamini uthe bona njengekomidi lewadi bazokwenza isiqiniseko sokuthi akukho abafundi abashoda ngako.

“Ihhovisi lekhansela livulekile, abafundi bangabika izinkinga ababhekene nazo ukuze sibalekelele ekutheni bathole imiphumela emihle ekupheleni konyaka.” Obethula inkulumo yosuku kulomcimbi uSiyabonga Nene onguMgcinimafa we-ANCYL esifundazweni ukuthaze abafundi ukuthi babambelele emfundweni yabo.

“Uma unemfundo uyakwazi ukushintsha isimo sasekhaya ofunda kulo ushintshe nendlela abazali bakho ababukeka ngayo emphakathini. Uma abazali bakho benza umsebenzi wokucosha udoti wena ngemfundo yakho ungakwazi ukubafaka endlini kanokusho futhi ubenze baziqhenye ngawe.”

UNene unxuse ukuthi zonke izinhlaka zomphakathi zikuthathele phezulu ukufunda.

“Ngisho amabandla kufanele azibophezele ekufundiseni izingane ngoba iningi imali engenayo kuwona masonto onke ivele kumalunga omphakathi. Kufanele amabandla asungule eyawo imifundaze ezoklomelisa abafundi abenze kahle kungagcini nje ngokuthi bakhulekelwe uma bephase ibanga leshumi. Imfundo kufanele ibaluleke kuwo wonke amazinga omphakathi.”

Ephetha inkulumo yakhe uNene uthe abafundi kufanele bazi ukuthi imifundaze ekhishwa uhulumeni eyabantu abenza kahle kuphela ngakho kufanele basebenze ngokuzikhandla.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

This site is protected by reCAPTCHA and the Google Privacy Policy and Terms of Service apply.

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.