Kukhulekelwe ubugebengu entabeni e-Ashdown

2019-07-03 06:02
Kungesikhathi kunomkhuleko entabeni ngoLwesihlanu olwedlule.ISITHOMBE : lethiwe makhanya

Kungesikhathi kunomkhuleko entabeni ngoLwesihlanu olwedlule.ISITHOMBE : lethiwe makhanya

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OMAMA basendaweni yase-Ashdown bahlanganyele ndawonye bayokhulekela ubugebengu obudlangile kule ndawo.

Lo mkhuleko bewenzelwe entabeni edamini khona e-Ashdown ngoLwesine mhla zingama-20 kuNhlangulana (June).

Ngokuthola kwe-Echo, lo mkhuleko bekungokokuqala ngqa wenzeka kanti wenzeka ngemuva kwesigameko sokuthi kudutshulwe kwabulawa izingane ezimbili zabafana kuyona le ndawo emasontweni amabili edlule. Abazalwane bahlangenyele ndawonye kule ndawo begqoke izingubo ezimnyama.

Ngokusho kukasihlalo wenhlangano elwa nobugebengu kule ndawo (Community Policing Forum), uNkk Makhosi Dladla, uthe sebekwenze konke okusemandleni njengomphakathi kodwa akukho okubukeka sengathi kuyasebenza yingako begcine sebethi abanikele yonke into eNkosini ngokuthi babe nokhukhulelangoqo womkhuleko.

“Sesibambe amamashi senza imikhankaso sithi sifuna ukulwisana nobugebengu kodwa sibona engathi akukho okulungayo ingako sithathe isinqumo sokuthi sinikele eNkosini manje. Izindonga zase-Ashdown ziwile zidinga ukuvuselelwa ngomkhuleko futhi manje.

“Ayikho into engenzeki kule ndawo ngoba nezingane zethu zibhema izidakamizwa akusekho ngisho ukuphepha la sihamba khona. UNkulunkulu sekuyisikhathi sokuthi angenelele manje,” kubeka yena.

Elinye ilunga lomphakathi, uNkk Thulile Nkosi, uthe isimo abaphila ngaphansi kwaso kule ndawo asisihle neze sesidinga ukuthi uMdali angenelele.

“Isigameko sokugcina emasontweni amabili edlule lapho kudutshulwe kwabulawa khona izingane ezimbili yilapho sisukume khona sathi kumele kube khona okwenziwayo ngale nkinga.

“Besingeke sivume ukuthi sihlale phansi kuze kuphinde kwenzeke esinye isigameko esifana nalesi. Kuyona yonke into esiyenzayo yokulwa nesihlava sobugebengu sesifuna ukuthi kube uNkulunkulu ohamba phambili. Uma ngabe siyekelela intsha yethu yenza zonke lezi zinto sizoba nekusasa elinentsha enjani?” kubeka yena.

Amakholwa awagcinanga nje ngokukhuleka kuphela kodwa abophe ibhande lezinsuku ezimbili lapho kade ezile khona ukudla ngaphambi kokuba anyukele entabeni ayokhuleka.

Ikhansela lakule ndawo uMnu Dumisani Phungula uthe sebekwenze konke ukulwisana nobugebengu kule ndawo kodwa loko akwanele uma ngabe engekho uNkulunkulu.

“Siyajabula kakhulu ukuthi omama banikele entabeni ukuba kuzokhulekelwa indawo yakithi. Kumele kuze kufe abantu abangaki ukuze kubonakale ukuthi kunenkinga yobugebengu kule ndawo?

“Angeke size sikwazi ukwenza sengathi asiziboni izinto ezenzekayo ingako sisukumile sathi asilwe nathi,” kubeka yena.

Abazalwane baveze ukuthi abazogcina ngalo mkhuleko kuphela kodwa basazoqhubeka babe neminye imikhuleko yokulwisana nalesi sihlava sobugebengu.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.