Kuklonyeliswe othisha abenza kahle

2018-12-12 06:02
IZITHOMBE: lethiwe makhanyaUNgqongqoshe wezeMfundo uMnuz Mthandeni Dlungwane noNks Cameron wase-Nottingham Road ophume isithathu emkhakheni we-Excellence in Grade R teaching.

IZITHOMBE: lethiwe makhanyaUNgqongqoshe wezeMfundo uMnuz Mthandeni Dlungwane noNks Cameron wase-Nottingham Road ophume isithathu emkhakheni we-Excellence in Grade R teaching.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

“KUTHATHA uhlobo lomuntu oyisipesheli ukuthi agile izimanga ekufundiseni.”

Lawa ngamazwi kaNgqongqoshe wezeMfundo esiFundazweni saKwaZulu-Natal uMnuz Mthandeni Dlungwane ngesikhathi ekhuthaza othisha emcimbimi wokuklonyeliswa kwabo obubanjelwe e-Royal Show Ground ngoLwesine olwedlule mhla zingama-29 kuLwezi (November).

Lomcimbi waminyaka yonke ohlanganisa othisha abaphuma ezifundeni ezahlukene zaKwaZulu-Natal. UMnuz Dlungwane uthe lena ngenye indlela yokukhuthaza kanye nokugqugquzela othisha ukuthi basebenze ngokuzikhandla ekunikezeni izingane zakulesi sifundazwe imfundo esezingeni eliphezulu.

Ekhuluma nabothisha abebehambele lo mcimbi uthe : “Othisha bethu basebenza ngaphansi kwezimo ezinzima. Indawo abasebenzela kuyona ziphenduke izindawo zodlame ngoba imiphakathi ekuzona inodlame kodwa noma kunjalo bayakwazi ukuthi benze umsebenzi wabo ngendlela encomekayo kakhulu.

Ukuba uthisha akusiwona umsebenzi nje kuphela kodwa kuwubizo. Othisha bethu basebenza kanzima ekubeni behola nemali encane.

“Lena ngenye yezindlela yokubakhuthaza kanye nokukhombisa ukuthi siyakubona ukuzimisela kwabo kanye nokusebenza kanzima kwabo yize kunzima. Kumele sibabonge othisha abenza kahle sibakhuthaze futhi ukuthi benze kahle kakhulu.

Siyakholelwa ukuthi othisha kanye nesystem yenza kahle kakhulu kanti kumele sikubonge loko,” kubeka yena .

UDlungwane ube esekhuthaza umphakathi ukuthi ubambe iqhaza nawo ekwilisaneni nodlame oluqhubekayo ezikoleni.

“Udaba lwemfundo luyinto yomphakathi. Into oyibona yenzeka ezikoleni ikhombisa into eyenzeka emphakathini wakuleyo ndawo.

Umphakathi kumele ubambe iqhaza kakhulu ekwenzeni isiqiniseko sokuthi luyagwemeka lolu dlame olwenzeka ezikoleni.

Ngeke size silindele ukuthi umfundi afundiswe esikoleni ekubeni ekhaya lakhe engafundisekile.

Sikhuthaza abazali ukuba babambe iqhaza elikhulu endleleni abakhulisa ngayo izingane. Into esizoyenza njengoMnyango ukuthi sizoba nezinhlelo ezizohlanganisa abazali kanye nomphakathi ukuthi badlale indima enkulu ekuqinisekiseni ukusebenzisana ekukhululiseni kahle izingane,” kubeka yena.

Isifunda saseMgungundlovu siphumelele emikhakheni emihlanu kulezi zindondo.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.