Kulungiswa olwamanzi eSnathing

2018-09-26 06:02
Sekuqaliwe ukulungiswa lapho kuzofakwa khona amaphampu amasha kanye nethangi elizophakela umphakathi ngamanzi.PHOTO: lethiwe makhanya

Sekuqaliwe ukulungiswa lapho kuzofakwa khona amaphampu amasha kanye nethangi elizophakela umphakathi ngamanzi.PHOTO: lethiwe makhanya

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

SEKUSEDUZE ukuthi iphele inkinga yokungabikhona kwamanzi endaweni yaseSnathing ngemuva kokuba umasipala uMsunduzi ukhiphe imali engaphezu kuka-R3 million ukuba kufakwe amaphampu amasha kanye nethangi elizophakela umphakathi wakule ndawo ngamanzi.

Lokhu kuvele emhlanganweni wekomidi eliphezulu lalo masipala obubanjwe ngesonto eledlule. Kulo mhlangano kuvele ukuthi iphampu ebeyikhona ephakela amanzi kule ndawo ibingeke isakwazi ukuthi ilungiseke kodwa sekuzomele kuthengwe okusha ukuze amanzi ezosatshalaliswa ngaphandle kwezinkinga kule ndawo.

Sekuphele izinyanga cishe eziyisithipha seloku amanzi ahamba kule ndawo kanti umphakathi wakhona ubusuphila ngokuthola amanzi kwiloli elithwala amanzi nabebekhala ngokuthi lidlulisa usuku ngaphambi kokuba lifike.

Alinganiselwa ku-2500 amalunga omphakathi athintekile ngokungabikhona kwamanzi kule ndawo.

Ngokusho kwekhansela laku lendawo uMnu Sipho Madonda naye obesethola amanzi emalolini athwala amanzi uthe usonkontileka oqokiwe ukuba kube nguyena ozokwengamela lolu hlelo uthe kungenzeka kuphele inyanga kaMfumfu (October) lube seluphelile lolu hlelo namanzi abe esekhona.

“Kuyasijabulisa kakhulu ukuthi sesizokwazi nathi ukuthola amanzi empompini njengabo bonke abantu. Kumanje sekuqaliwe ukulungiswa lapho kuzofakwa khona ithangi elisha kanye namaphampu amasha sekulindwe kona ukuthi kufke bese kuyafakwa abantu bathole amanzi. Siyafisa ukuthi kungashaya lesi sikhathi abasinqumile kube sekuqediwe ngempela ukuze isimo somphakthi sizobuyela kwesejwayelekile,” kubeka yena.

Nakuba kunjalo amanye amalunga omphakathi wakule ndawo athi wona awathembi ukuthi loku kuzokwenzeka ngempela ngoba seziningi izikhathi bethenjiswa ukuthi udaba lwamanzi luzolungiswa kodwa kungenzeki.

“Isiphatha kabi ngempela indaba yokungabi namanzi ngoba asikwazi ngisho ukwenzani ngoba nalamaloli athutha amanzi awafiki zonke izinsuku kanti futhi uma ezofika kumele uhlale ungayi ndawo ngoba uma ungekho uzosala ungenawo amanzi. Nawo lamanzi esiwatholayo awekho nasesimweni esilungile kodwa siyawaphuza phela ngoba ayikho enye into esizoyenza ngoba akukho lapho singathola khona amanzi. Abuye afike engcolile uthi uma ubuza abashayeli bamaloli ukuthi kungani amanzi engcolile basitshele ukuthi igoba amapayipi angcolile. Uma usaqala ukuwasebenzisa ayakuqubula kanti kumanje izingane zethu ziyafa ukjuqubuka ngengxa yawo lamanzi.

“Indaba yokuthi nje sizolungiselwa asiyikholwa nje ngoba kudala sitshelwa loko kodwa kungenzeki sesiyobona sekwenzeka ngaleso sikhathi. Sesiside kakhulu lesi sikhathi kudlalwa ngathi sesiyobona ngalesosikhathi sekwenzeka bese siyakhola ke,” kusho omunye umndeni ongathanga ukudalulwa isibongo.

Umndeni wakaNgcobo wona uthe ungakujabulela kakhulu uma kungabuya amanzi ngoba bazokwazi ukuthi baqhubeke nokwakha njengoba besekuhamba kancane ngenxa yokungabikhona kwamanzi.

“Singasizakala kakhulu phela uma kungathiwa amanzi ayabuya ngoba singakwazi ukuqhubeka nokwakha ngaphandle kwezinkinga. Siphila kanzima ngempela. Siyawathola kona kwiloli elithutha amanzi kodwa awanele ukuthi singenza yonke into ngawo ikakhulukazi indaba yokwakha. Umsebenzi uhamba kancane kakhulu,” kubeka elinye ilunga lo mndeni elingazidalulanga igama.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.