Kumbiwe isidumbu e-Richmond

2018-03-14 06:01

KUSHINTSHE izinto ophenyweni lokubulawa kwalowo owayeyisekela likaMeya wase-Richmond uNkk Thandazile Phoswa njengoba ngoLwesibili ekuseni mhla ka-6 kuNdasa (March) kumbiwe isidumbu sakhe emathuneni ase-Richmond.

UNkk Phoswa watholwa eseshonile endlini yakhe enenxeba lokudutshulwa ekhanda esikhathini ngonyaka odlule

Kwabe sekuboshwa isoka lakhe uMnuz Samukelo Chili owayesebenza njengomvikeli (body guard) ngaphansi kwaMasipala wase-Mshwathi.

UMnuz Chili wadedelwa inkantolo eyathi ubufakazi obumbandakanya naleli cala abukho.

Ngesikhathi i-Echo ihambele kula mathuna ngoLwesibili ifice amalungu omndeni kaNkk Phoswa, abasebenzi bakamasipala nabasebenzi basemakhazeni akwaHulumeni.

Ubabomncane kaNkk Phoswa, uMnuz Zachariah Phoswa akathandanga ukudalula imbangela yokumbiwa kwesidumbu selungu lawo kodwa, wathi ucela ukuba umndeni uthintwe ngemuva kwamasonto amabili ngoba lolu daba lusabucayi okwamanje.

Ngokuthola kwe-Echo ngomthombo osondelene nayo, ukumbiwa kwesidumbu sikaNkk Phoswa kulandela ngemuva kokuba iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ikhiphe umyalelo othi asimbiwe kulandela uphenyo oluqhube kayo.

“Kunophenyo oluqhubekayo ngokushona kukaNkk Phoswa manje luphoqe ukuba kumbiwe isidumbu sakhe ukuze sizohlolwa kabusha ngoba kunokuphambana kwemibiko ngokuhlowa kwesidumbu,” kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natal uKapteni Nqobile Gwala uthe ukumbiwa kwesidumbu sikaNkk Phoswa kuyingxenye yophenyo olwenziwa i-Provincial Task team lokulwa nokubulawa kosopolitiki.

“Uma seluphothuliwe uphenyo lokuhlolwa kwesidumbu sikaNkk Phoswa kukhona abazoboshwa,” kusho Kapteni Gwala.

Ukushona kukaNkk Phoswa kwadonsa amehlo eningi njengoba kwalendela ngemuva kokubulawa kwalowo owayeyimenenja kaMasipala wase-Richmond uMnuz Sibusiso Sithole.

NgoLwesihlanu olwedlule inhlangano yentsha yeqembu elibusayo (ANCYL) esiFundeni i-Moses Mabhida imashele eMnyangweni wezokuphepha koMphakathi nalapho ihambise uhlu lwezikhalo zawo.

Le nhlangano ibikhala ngakho ukubulawa kosopolitiki nethe ifuna lo mnyango usukumele phezulu ukuphenywa kwamacala okubulawa kosopolitiki.

Lo omnyango unikezwe amasonto amabili ukuba uphendule kuhlu lwezikhalo.

Kunophenyo oluqhubekayo ngokushona kukaNkk Phoswa manje luphoqe ukuba kumbiwe isidumbu sakhe ukuze sizohlolwa kabusha ngoba kunokuphambana kwemibiko ngokuhlowa kwesidumbu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.