Kume nse ukusebenza emakhazeni eFort-Napier

2018-12-05 06:01
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaBekuvalwe kanje emasangweni angenela e-Fort Napier ngoMsombuluko.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaBekuvalwe kanje emasangweni angenela e-Fort Napier ngoMsombuluko.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUME nse ukusebenza emakhazeni kahulumeni i-Fort Napier Medico-Legal Mortuary ngoMsombuluko mhla zingama-26 kuLwezi (November) njengoba abasebenzi abakhona bevale indlela engenela kule ndawo ngezimoto ezithutha izidumbu nabo base bebhikisha ngaphandle esangweni.

Laba basebenzi bathi sebekhathele ukusebenza endaweni enukayo engekho esimweni ekubeni behola amakinati.

Lesi siteleka siza ngemuva kokuba laba basebenzi baqala basebenza behudula izinyawo emasontweni ambalwa edlule.

Ngesikhathi i-Echo ihambele kule ndacwo ifice izimoto ezithwala izid umbu zigcwele umgwaqo ongenela kule ndawo kanti nabasebenzi nabo bafunge bagomela bathi angeke baze babuyele emsebenzini kuze kube ungqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongiseni Dhlomo uyafika eze azokhuluma nabo ngezinkinga zabo kutholakala nesixazululo.

Laba basebenzi baqala ngokuthi bahlonze imizimba emibili kuphela ngosuku kodwa manje bathe akukho nowodwa umzimba abazowenza nkuze kube uDhlomo uhlangana nabo ukuxazulula izinkinfga ababhekene nazo.

Phakathi kwezinye zezikhalo zabo ukunganyuselwa kuma-level alandelayo kanye nemali encane eabaholelwa yona okungu-R10 000 ngenya nga umuntu ngamunye .

Ngesikhathi i-Echo ixoxa nabanye babasebenzi ekade bebhikisha ngaphandle bathe sebebekezele kakhulu kulesimo abasebenza ngaphansi kwaso kanti ukudinwa kwabo sekuze kunanomthelela omubi ekhaya.

“Ngisho usekhaya ugcina usuthethisa izingane uzithethisela into engekho uhleli uvutha unolaka ngoba uhleli udinniwe ngenxa yesimo osebenza ngaphansi kwaso. Akukho muntu ofanele ukusebenza ngaphansi kwalesi thina esisebenza kusona. Kumanje isimo sesisibi kakhulu kangangakuba sekunezindawe eziphuma izilwanyana ezincane (izimpethu. Kodwa kuthiwa asisebenze khona kunjalo siphinde sidlele kuleyo ndawo futhi kudlalwa ngathi,” kubeka omunye umsebenzi.

Omunye uthe : “Akukho mzimba ozophuma la nozongena futhi. Noma bangafika abantu bezolanda imizimba yezizhlobo zayo baz oze baphindele vemuva bengayiotholanga ngoba akukho muntu ozobanaka ngoba thina asisebenzi.”

NgoMsombuluko kuze kwadingeka ukuba kulandwe amaloli atakula izimoto (tow trucks) ukuba kususwe izimoto ebezivimbe indlela engenela kulamakhaza.

Eminye imindeni ebeyizobheka imizimba yabo ijike esangweni njengoba bekungangeneki ngaphakathi.

Ngaphakathi khona bekungekho muntu njengoba bonke abasebenzi bebengaphandle bebhikisha engekho ozosiza abantu ngaphakathi.

UNkk MaMbambo Dlamini waKwaMafunze e-Elandskop uthe yena ubezolanda umzimba wengane kamfowabo eshone ngoMgqibelo ukuze bezokwazi ukuqala ukulungisela amalungiselelo omngcwabo kodwa akakwazanga.

“Bengithi ngizolanda ingane klamfowethu ukuze sizoyifaka emakhazeni omndeni ngoba vele besesikuqinisekisile ukuthi ngempela uyena njengoba atholwa ezilengisile.

Sibuhlungu kakhulu ngalento eyenzekayo. Sihlukumezekile kakhulu ngoba yonke into imile manje asazi ukuthi kumele senze njani asazi nokuthi umngcwabo uzoba nini njengoba kuqhubeka lesi siteleka,” kubeka yena.

Umnyango wezeMpilo ukhiphe isitatimende ngalolu daba nalapho uDhlomo kade esho khona ukuthi bayazi ngezikhalazo zabasebenzi kanye naloko okuqhubekayo .

Sithe umnyango uyaqhubeka nokuxoxisana nezi nhlaka zabasebenzi mayelana nezinkinga zabasebenzi. kanti futhi uzibophezele ukuphuthumisa ukuthi lezi zinkinga zixazululwe. Kodwa ezinye zezikhalazo eziphakanyisiwe zibhekelelwe ezingeni likazwelonke.

UDhlomo uthe : “Sicela ukuba abasebenzi bethu babuyele emsebenzini ngaphansi kwemibandela yokuthi thina siwumnyango siyazib ophezela ekutheni sizothuthukisa izimo abasebenza ngapahsni kwazo. Lokhu kuzobe kuyindlela ukjuthi sibavumele ukuthi baqhubeke nokusebenza ngesikhathi silinde umhlangano wangomhlaka-3 kuZibandlela (December) kanye nozakwethu bakuzwelkoknke ukuthi babhekane nazo zonke izikhalazo zabasebenzi,” kubeka yena.

Amalunga omphakathi wona afuna ukwazi ngemininingwane yemizimba yezihlobo zabo ukuba seyilakpho nokuhlonzwa bayacelwa ukuba bashayele ihhovisi lomnyango wesifundazwe : 0800 005 133. Bazocelwa ukuba bashiye imininingwane yabo abzobe sebeshayelwa ucongo baziswa ukuthi sekuhambe kangakanani ukuhlonzwa.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.