Kume yonke into abasebenzi bamasipala befuna amaholo

2017-06-07 06:01
Bagcwale imigwaqo maphakathi nedolobha ngeledlule abasebenzi bamasipala woMsunduzi bekhala ngokuthi abaholile.PHOTO: nokuthula khanyile

Bagcwale imigwaqo maphakathi nedolobha ngeledlule abasebenzi bamasipala woMsunduzi bekhala ngokuthi abaholile.PHOTO: nokuthula khanyile

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IGCINE ingenile imiholo yabasebenzi baMasipala wasoMsunduzi abagasele e-City Hall ngoLwesithathu olwedlule kwancane indawo bethukuthele begane unwabu.

Labasebenzi babhikishe bavala umgwaqo uLangalibalele ngezimoto zabo zokusebenza befuna ukwazi ukuthi kungani imiholo yabo ingangenanga ngomhla ka-24 njengenhlalayenza.

Abasebenzi bathi bayitholile imiyalezo yomqhafazo ebithi imiholo yabo ingenile kodwa kuthe uma befika emabhange ‘bashawa amabhomu’ kwathiwa imali ayikho.

Iziphathimandla zikamasipala zibhekane nengcindezi yokuthi zichazele abasebenzi cishe abangama-70%, imbangela yokungaholi kwabo.
Obambe njenge menenja kamasipala ekhuluma nabasebenzi uMnuz Sizwe Hadebe uthe inkinga ibesebhange abasebenzisana nalo u-First National Bank (FNB), kutholakale ukuthi kube nokuphazamiseka kwezobu chwepheshe kwa-FNB okudale ukuthi kuphazamiseke izinhlelo zokuholela abantu.

Omunye wabasebenzi okhulume ne-Maritzburg Echo uthe okubadina kakhulu njengabasebenzi ukuthi umkhandlu ubusanda kwenza umcimbi owubukhazikhazi wenzela uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma emavikini edlule.

“Sifuna ukwazi ukuthi umkhandlu unayo yini imali ngoba izimpukane eziluhlaza zithi ngoMsombuluko bekunomhlangano emahhovisi lesifunda ka-ANC kudingidwa udaba lwezimali nathi sifuna ukwazi ukuthi kuqhubekani. Bangawenza kanjani umcimbi kaDlamini-Zuma ibe ingekho imali yokusiholela?”

Lo msebenzi uthe bafuna nokwazi ukuthi umbiko kamcwaningi mabhuku utheni ngodaba lwezezimali kulo mkhandlu.

“Umkhandlu usanda kuthenga izimoto zikanokusho uthengela imeya nezinye izikhulu, izimoto zabo ezindala zibe zisesimweni esigculisayo. Zithe uma zifika nalezi ezintsha bathi bafuna eziwuhlobo olusha kwaphinde kwakhishwa enye imali futhi. Sekuyasicacela ukuthi baxosha uNkosi ngoba befuna kudliwe izimali zomkhandlu.”

Labasebenzi bathi bekuqala ngqa ukuthi bangaholi futhi lokhu kubadumaze kakhulu.

“Okusixakayo ukuthi uDkt Ray Ngcobo usanda kuzwakala kuMgungundlovu FM ethi zikhona izimali ngeke uwe umkhandlu. Siyakhala kakhulu ngobuholi bukaNjilo ngoba kwamanje akekho la useNquthu uyokhankasela i-ANC, ushiye umonakalo kumasipala wakhe.” Labasebenzi babhikishe ngaphandle kwaseCity Hall bachitha udoti emgaqweni baya nase A.S. Chetty Building lapho befike nakhona bashisa udoti bajikijela namaqanda. Ngesikhathi kwenzeka lokhu umgwaqo uChurch Street ubuvaliwe, izimoto namatekisi zaphoqeleka ukuthi zisebenzise eminye imigwaqo.

Labasebenzi bebesabisa ngokuthi angeke kusebenzeke edolobheni laseMgungundlovu uma amaholo abo engangeni.

“Akuzusebenzeka kuleli dolobha kube siyaholelwa. Siyabadabukela abangenamanzi, abanqunyelwe amapayipi, abangenagesi nabaqhunyelwe izitamukoko, bazohlala kanjalo ngoba ngeke sisebenze,” kusho omunye umsebenzi.

Bathe ukungaholi kwabo kubafake enkingeni njengoba benezikweleti.

“Sinezikweleti ezidonsa izimali emabhange njalo ngenyanga, sikhokhela izindlu, ubani ozokhipha enye imali yokukhokhela ibhange njengoba le mali ingangenanga? Uma umasipala unenkinga yezezimali bekufanele usazise ngoba ngo-April uchief financial officer wasitshela ukuthi umasipala unemali yezinyanga ezintathu.”

UNobhala wenyunyana yabasebenzi bomasipala i-SA Municipal Workers Union (Samwu) uMnuz Sbu Molefe uthe umasipala bekufanele uzihluphe wazise abasebenzi uma kunezinkinga.

“Bekufanele abasebenzi baziswe uma kunenkinga ngemiholo kodwa akekho ozihluphile ngalokho. Okungenani bekungabizwa umhlangano abasebenzi baziswe bese umasipala usho nemizamo onayo ukubhekana nalengqinamba. Sikhathazekile kakhulu ngokuqhubeka kulo mkhandlu.”

Isitatimende esikhishwe umasipala kwabezindaba ngeledlule siphike ukuthi umasipala ubhekene nenkinga yezezimali.
“Umasipala uyaphika ukuthi usenkingeni yezezimali noma usezikweletini. Kunezinkomba zokuthi kube nenkinga yezobuchwepheshe eholele ekutheni abasebenzi baphuze ukuholelwa. Kodwa singakuqinisekisa ukuthi bonke abasebenzi sebeholile.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

6 myths about male cancer

It is important to be aware of the most prevalent cancer diseases amongst men in our country.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.