Kumenywa amaKrestu aseMgungundlovu

2018-03-21 06:00

ABAPHRISTI bamaKhatholika nabaseSheshi banxusa abazalwane abangamaKrestu baseMgungundlovu ukuba bahlanganyele nabo ohlelweni lwe-Diakonia Council of Churches (DCC) lwangePhasika lapho amakholwa alamabandla womabili esuke ezungeza buthule ezitaladini zedolobha laseMgungundlovu ethwele isiphambano kuyiwa ekoMkhulu lamaSheshi eDayosisi yaseNatal i-Cathedral of the Holy Nativity kuLangalibalele Street.

NgoLwesine uFata Mhlanganisi Dlamini (OMI) wamaKhatholika ase-St Mary’s Parish eMgungundlovu noDean Ndabezinhle Sibisi wamaSheshi ase-Cathedral Parish bahlangane nezintatheli zamaphephandaba nemisakazo yaseMgungundlovu bezochaza ngezinhlelo zangoLwesihlanu lwePhasika.

Laba baphristi basho ngazwi linye ukuthi bazobe behamba ngaso isiqubulo se-DCC esibekelwe iPhasika langalonyaka esithi “Ungesabi, Yima uqine.”

Bathe bacela ukuhlanganyela nabazalwane abaqonda kahle Isivumo Sokholo saseNikhiya nesabaPhostoli ngoba yisona kanye esichaza ukholo loMkrestu.

Kucelwe abazalwane ukuthi babe sendlini yokukhonzela e-St Mary’s Catholic Parish kuLangalibalele Street (Longmarket) eceleni kwase-Laager Centre ngo 6:30 ekuseni ngoLwesihlanu mhla ka-30 March.

Kuzobe sekuphuma udwendwe lwehle ngo-Jabu Ndlovu Street (Loop) ngokuthula luxhume ku-Peter Kirchhoff Street (Chapel) kuyongenwa ku-Church Street bese kungenwa e-Cathedral yaseSheshi.

IZwi leNkosi lizobe lidluliswa uFata Charles Ransburg ofundisa ezenkolo esikhungweni samaKhatholika i-St Joseph Theological Institute e-Cedara.

UFata Ransburg utuswe ngebizelo lakhe lokukwazi ukuvusa ubuNkulunkulu obuphila ngaphakathi kumuntu.

Uma uthanda ukwazi kabanzi ngale nkonzo xhumana noDean Sibisi enombolweni ethi: 082 959 4150 noma uFata Dlamini kwethi: 071 544 2446.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.