Kumenywa umphakathi kumcimbi wezimbongi

2018-05-16 06:02
Enye yezimbongi ezobe iyingxenye yalo mcimbi.ISITHOMBE : sithunyelwe

Enye yezimbongi ezobe iyingxenye yalo mcimbi.ISITHOMBE : sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMALUSI Arts nokuyinkampani ebhekelele ezamaciko ikakhulukazi izinkondlo izoba nomcimbi wokuqala ohlanganisa izinkondlo, amahlanya nezinkulumo ezakhayo.

Lo mcimbi uzoba ngoMgqibelo mhla zili-12 kuNhlaba (May) e-Voortrekker Museum ngokugamanxa kwehora leshumi nanye ekuseni (11.30am).

Ngokusho komhleli walo mcimbi nophinde abe ngumsunguli we-Umalusi Arts uMnuz Sbusiso Mahlinza uthe kulo mcimbi izimbongi zizobe zingagxilile nje kuphela ekumeni ngaphambi kombhobho zihaye izinkondlo kodwa zizobe zilingisa imiyalezo eziyethulayo ngezinkondlo zayo.

Uthe kungokokuqala behlela lo mcimbi kodwa wathi sebezowenza njalo emva kwezinyanga ezimbili.

Uthe: “Lena ngenye indlela esizama ngayo ukwedlulisa imiyalezo eyehlukile kubantu abahlukile.

“Siyazi ukuthi abantu abaningi abazinakile izinkondlo futhi abazilaleli.

“Njengoba sifuna ukuzilinga sifuna ukuthi abantu bagcine sebekwazi ukuzijabulela futhi bagcine sebezithanda.

“Yingakho sifake namahlaya nezinkulumo ezakhayo ukuze wonke umuntu ezozizwa amukelekile ikakhulukazi laba abangakaze bahambele imicimbi yezinkondlo.

“Siyakholelwa ukuthi ukuhaya izinkondlo kunamandla amakhulu ekudluliseni umyalezo ebantwini abahlukene,” kubeka yena.

UMnuz Mahlinza oyimbongi uthe usungule le nkampani yezamaciko ngenyanga kaNhlolanja (February) kulo nyaka ngenhloso yokulekelela izimbongi ezisakhula.

Uthe:“Nginqume ukuwumisa kancane owami umsebenzi njengembongi ukuze nginake labo abasakhula nabasadinga usizo.

“Ziningi izimbongi ezinethalente kodwa aziyitholi indawo efanele yokuveza ithalente lazo.

“Umalusi Arts uzobasiza ukuthi bakhangise ithalente emphakathi baphinde bafunde nezinto ezehlukile ngezinkondlo nokuba izimbongi.”

Ukungena kulo mcimbi kuwu-R120 kanti indlela yokugqoka yona iwuhlobo lwe-vintage.

Ngeminye imininingwane ungashayela inombolo ethi: 063 192 1275.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.