Kumiswe uthishanhloko abazali befuna izimpendulo

2019-07-31 06:01
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaKungesikhathi kuvalwe isikole iHlelingomuso Primary ngoMsombuluko.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaKungesikhathi kuvalwe isikole iHlelingomuso Primary ngoMsombuluko.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

“Ukube isigungu esengamele isikole asikaze siye ukuyobuza emahhovisi oMnyango wezeMfundo ukuthi kuhamba kanjani ngesicelo sabo sokuthi isikole singakhokhisi imali ngabe asazi lutho.

Bafike batshelwa ukuthi leso sicelo kade saphasiswa incwadi yathunyelwa esikoleni kodwa uthishanhloko akazange ayiveze leyo ncwadi.

“Incwadi leyo kuthiwa yaphasiswa ngenyanga kaNdasa (April) kodwa kukhona abazali abakhokha ngemuva kwaloko imali yathathwa esikoleni.

Sifuna ukwazi ukuthi leyo mali ishonaphi nokuthi kungani singaziswanga singabazali. Sikhathele yilo thishomkhulu ozenzela umathanda lapha esikoleni. Akukakapheli ngisho iminyaka emithathu efikile kulesi sikole kodwa usezenzela umathanda. Uqhosha ngokuthi yena angeke aze ezwe ngabazali ngoba isikole esakhe,” kusho omunye wabazali.

Laba bazali bathe abasafuni kuzwa lutho kodwa sebefuna ukuthi kufike uNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uMnu Kwazi Mshengu azoxoxisana nabo mayelana nalezi zinkinga ababhekene nazo.

Usihlalo wesigungu esengamele isikole uMnu Mabhungu Mkhize ukuqinisekisile ukuthi vele zikhona izinkinga kulesi sikole okubalwa kuzona ukungabikhona kothisha kodwa abafundi banikezwa amamaki okungaziwa ukuthi avelaphi.

Uthe lezi zinkinga bayizibika eMnyangweni wezeMfundo kodwa akukho okwenzekayo.

“Enye into njalo uma sithi sikhuluma udaba lwezimali zesikole uthishomkhulu uvele asitshele ukuthi angeke ezwe ngathi uyena umphathi.

“Ukhokhisa izingane imali yesikole ekubeni azi kahle ukuthi akumele engabe ziyakhokha. Lezi zingane ezifunda kulesi sikole ziphuma emphakathi ehluphekile vele kodwa futhi uthatha izimali zawo.

“Lo thishomkhulu uyazenzela nje yonke into la esikoleni wenza umathanda bese athi yena ngeke aze atshelwe abazali ufundile uneziqu zakhe.

Thina besingazi nanokuthi uyaphenywa siyakuqala namhlanje.

“Sagcina nje kwakunomhlangano wokuzama ukuxazulula izinkinga ngenyanga kaNdasa (March) nalapho abahloli baveza khona ukuthi uhlulekile ukuphatha isikole kodwa bangasho ukuthi uyaphenywa,” kubeka yena.

Imizamo yokuthola okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni uMnu Muzi Mahlambi ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa kanti nemiqhafazo athunyelelwe yona akayiphendulanga.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.