Kunikelelwe abantwana abahlwempu KwaMachibisa

2018-07-18 06:00
Amalungu enhlangano iGolden Gate Youth Foundation nabantwana abahlomule ngezimpahla.ISITHOMBE: sithunyelwe

Amalungu enhlangano iGolden Gate Youth Foundation nabantwana abahlomule ngezimpahla.ISITHOMBE: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INHLANGANO yentsha engenzi nzuzo, iGolden Gate Youth Foundation, ngokuhlanganyela neLeko Motion Foundation neVuma FM banikele ngezingubo zokugqoka zasebusika kubantwana abahlwempu basendaweni yaKwaMachibisa.

Kulolu hlelo kuhlomule abantwana abangama-20 kubalwa amantombazane ayi-10 nabafana abayi-10. Bonke labantwana batonyulwe ngosizo lwe-Whizzkid nokuyinhlangano enakekela izingane ezintulayo kule ndawo.

Ngokusho kukaMnuz Manqoba Shange ongomunye wabasunguli benhlangano i-Golden Gate Youth Foundation, uthe bekungasikona okokuqala benza lolu hlelo futhi abakazugcina basazoqhubeka nalo.

Uthe: “Inhloso yethu njengoba siyintsha yase ndaweni ukuthi silekelele umphakathi wakithi. Ngeke sikwazi ukuhlala sisonge izandla sibe sibona abantwana base miphakathini yethu behlupheka. Sifuna nabo bazizwe befana nabanye abantwana, bangazenyezi ngenxa yendlela ababukeka ngayo. Lokhu kuzozisiza kakhulu lezi zingane ukuthi zijabule,” kubeka yena.

UMnuz Shange uthe sekungo kwesithathu benza lolu hlelo njenge-Golden Gate Youth Foundation.

Uthe ngesikhathi beluqala lolu hlelo ngonyaka wezi-2016 baqala ngokunikelela kubantwana abayi-10 kuphela.

“Sifuna ukuthi ngelinye ilanga sigcine sesikwazi ukuthi sisize abantwana abaningi endaweni yaKwaMachibisa kanye nangaphandle.

“Okwamanje sisaqala ekhaya (KwaMachibisa) ngoba yilapho inhlangano yethu izinze khona kodwa sinethemba lokuthi uma isikhathi siqhubeka sizokwazi ukuthi sigcine sesiphumela ngaphandle nakwezinye izindawo siyolekelela khona.

“Ibuhlungu into esiyibona yenzeka emiphakathini yethu. Ziningi izingane ezihlwempu ezidinga usizo ngempela yingakho nathi njengabantu abasha sizi bophezele ekutheni sizo lekelela lapho singakwazi khona,”ephetha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.