Kunikelwe ngezimpahla ekhaya lezintandane

2019-09-25 06:00
Kungesikhathi kuzonikelwa izimpahla (kusukela kwesobunxele) uMnu Themba Njilo, uNkk Magrate Qali kanye noMnu Bhekubuhle Mbatha nonguSihalalo.ISITHOMBE: lethiwe MAKHANYA

Kungesikhathi kuzonikelwa izimpahla (kusukela kwesobunxele) uMnu Themba Njilo, uNkk Magrate Qali kanye noMnu Bhekubuhle Mbatha nonguSihalalo.ISITHOMBE: lethiwe MAKHANYA

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMNU Themba Njilo weThemba Njilo Foundation welule isandla wanikela ngezimpahla zokugqoka ekhaya lezintandane elisendaweni yase-Edendale nelaziwa ngokuthi Ekujabuleni Children’s Home.

Lezi zimpahla zihanjiswe kuleli khaya ngoLwesihlanu mhla zili-13 kuMandulo (September).

Ngokusho kukaMnu Njilo uthe akusikona okokuqala ukuthi anikele kuleli khaya. Uthe njalo uma ngabe kukhona akutholayo uyaye acabange ngezingane ezihlala kuleli khaya.

“Ekujabuleni ngezinye zezindawo engazithatha ngazifaka ngaphansi kwekhwapha lami ngathembisa ukuthi ngizobasiza lapho ngikwazi khona. Ngisazoqhubeka ke nezinhlelo zokuthi ngisize leli khaya,” kubeka yena.

UMnu Njilo uthe ubehambe enxenxa abantu ukuba banikezele ngezimpahla zabo abangasazidingi okanye abangasazisebenzisi ukuze ezonikezela ngazo kuleli khaya.

Uthe lo mkhankaso wakhe wokuqoqa izimpahla awukakapheli kanti abantu bayanxuswa ukuba banikele ngezimpahla ngokuthi bazihambise emahhovisi eThemba Njilo Foundation. Umphathi waleli khaya uNkk Magrate Qali uthe bajabule kakhulu ngomnikelo wathi uzokwenza omkhulu umehluko ezinganeni.

“Into esizoyenza ukuthi sizokhetha izimpahla ezahlukene sizinikeze izingane bese kuthi lezi ezisalayo senza indali siyazidayisa njengengxenye yokuzama izimali. Imali esizoyithola lapho sizobe sesithengela izingane izinto zokufunda ngoba izona eziyinkinga ngoba bayazilahla njalo,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.