Kunikelwe ngokudla emindenini eli-100

2020-05-13 06:04
Elinye ilunga lomphakathi elihlomule ngokudla.ISITHOMBE: sithunyelwe

Elinye ilunga lomphakathi elihlomule ngokudla.ISITHOMBE: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUNIKELELWE imindeni elinganiselwa kweyi-100 ngokudla endaweni yase-Hopewell kulan-dela ukubhebhetheka kwesifo i-coronavirus nesesenze ukuthi abantu abaningi bangakwazi ukuphuma bahambe bayozamela imindeni yabo ukuze izokwazi ukuthi ilale idlile.

Lokhu kudla bekungomunye wemikhankaso yokulelekelela imindeni yakule ndawo obewenziwa iMeya yase-Richmond uMnu Sbusiso Joseph Mchunu wakhona endaweni yase-Hopewell ngokubambisana namanye amaluga omndeni wakhe okubalwa khona nonkosikazi wakhe uNkk Angel Mchunu oyilunga lomkhandlu i-executive council kumasipala wesiFunda uMgungundlovu.

Ekhuluma ne-Echo uNkk Mchunu uthe baningi kakhulu abantu abakhahlamezwe ukuvalwa kwezwe okwesikhashana nokuyikona okube sekubaphoqa ukuba belule isandla basize.

“Abantu abaningi bebefika njalo bezozikhalela ukuthi balambile ngako sabe sesiyasukuma nathi siyofuna uxhaso ezindaweni ezahlukene ukuze sizokwazi ukuthi sibasize.

Abantu abatholile ilabo ebesibabona ukuthi baxakeke ngampela.

“Asisho ke kodwa ukuthi ibona kuphela abadinga usizo baningi kakhulu abantu abadinga ukulekelelwa endaweni yethu kanti nathi futhi sizimisele ukuqhubeka sibasize uma ngabe sithola uxhaso.

Siyazi ukuthi kunzima kuwona wonke umuntu kodwa siyalwemukela nanoma iluphi usizo,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.