Kunqobe owaseMbali kwi-Ndoni Cultural SA

2019-12-25 06:00
ISITHOMBE: sithunyelweUSanele Ndlovu odle umhlanganiso emncintiswaneni wezamasiko Indoni Cultural SA.

ISITHOMBE: sithunyelweUSanele Ndlovu odle umhlanganiso emncintiswaneni wezamasiko Indoni Cultural SA.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UGILE izimanga owesilisa wasendaweni yaseMbali BB ngesikhathi enqoba emncintiswaneni wezizwe owaziwa ngokuthi Indoni Miss and Mr Cultural 2019.

USanele Ndlovu (22) ubemele isizwe samaZulu ezizweni ezili-12 ebezikhona.

Lo mcimbi bewuse Thekwini ngoLwesihlanu olwedlule mhla zili-12 kuZibandlela (December). Ekhuluma ne-Echo uthe ujabule kakhulu kanti futhi loku kuzomkhuthaza ukuthi aqhubeke nokuthanda amasiko aphinde akhuthaze nenye intsha esakhula ukuthi ingawalahli amasiko esizwe sakubo.

“Ngikhule ngiwumuntu oyithandayo vele into enosiko. Ngisho ngisafunda esikoleni samabanga amaphansi bengihleli ngiyingxenye yemicimbi yamasiko eyenziwa ezikoleni kanti bengihleli ngingenela umkhakha wobuhle bensizwa.

“Kuthe uma ngibona ithuba kwiNdoni ngahamba ngaya kokwenza inhlolokhono [auditions] ngabe sengiyaphumelela ekutheni ngidlulele esigabeni esilandelayo nobeseku ngumncintiswano wamanqamu,” kubeka yena.

Uthe ngesikhathi engenela lo mncintiswano ubenalo ithemba lokuthi uzowina kodwa futhi ubenalo novalo njengoba kade kunguyena okade emele isizwe samaZulu.

“Umncintiswano ubunzima wona kakhulu angifuni ukuqamba amanga kodwa ngiyajabula kakhulu ukuthi ngikwazile ukuphumelela ngaphakamisa nendawo kanye nedolobha lami engiphuma kulona. Ngiyathemba ukuthi ukuphumelela kwami kuzongisiza ngokuthi kungivulele eminye iminyango. Ngifisa ukuqhubeka ngigqugquzele abantu ukuthi bangawalahli amasiko abo. Abanye abantu uke uthole ukuthi ngoba nakhu sebekhulile okanye ngoba sebephila izimpilo ezingcono bese bayakhohlwa imvelaphi yabo. Ngalesi sikhathi sami enginaso ngifuna ukugqugquzela ngiphinde ngifundise abantu ngokubaluleka kokwazi usiko lwakho kanye nokuliqhakambisa,”kubeka yena. Akuqali ukuthi lesi sicoco size endaweni yaseMgungundlovu njengoba nangonyaka owedlule kwawina umfana wakhona eMbali Unit BB uLwazi Zondi.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.