Kunzima esikoleni esingenazo izindlu zangasese

2019-05-08 06:00
ISITHOMBE: sithunyelweIzindlu zangasese zesikole iBhekamatshe Primary eTafuleni.

ISITHOMBE: sithunyelweIzindlu zangasese zesikole iBhekamatshe Primary eTafuleni.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABAZALI bezingane ezifunda esikoleni samabanga aphansi iBhekamatshe endaweni yaseTafuleni bathi bahlalele ovalweni zonke izinsuku ngenxa yokungaphephi kwezindlu zangaseses ezisetshenziswa izingane zabo ezikoleni.

Laba bazali abakhathazekile bathi izindlu zangasese zakule sikole zibhodlokile zinemigodi kanti ezinye azinalo ngisho udonga kanye nophahla nokwenza ukuthi izingane zabo zibukwe ngisho abantu abadlula ngomgwaqo uma ngabe zisebenzisa indlu yangasese.

Lesi sikole kuthiwa sinezindlu zangasese zabafana ezimbili kanye nezamantombazane ezimbili kanti zonke ziyimigodi. Othisha nabo banezindlu zabo zangasese zemigodi nazo.

Omunye wabazali ongathandanga ukuba kudalulwe igama lakhe uthe sekukaningi udaba lezindlu zangasese lukhulunywa emihlanganweni eyahlukene kodwa ababoni lutho olowushintsho olwenzekayo.

Uthe yena unezingane zabafana ezimbili ezifunda kulesi sikole. Eyokuqala ifunda ibanga lika-Grade 7 kanti enye ifunda ibanga lokuqala. Uthe zonke izinsuku uhleli ebambe umoya ukuthi uzozwa esebizwa esikoleni esetshelwa ukuthi isivele yangena emgodini wendlu yangasese.

“Lezi zingane zincane akumele engabe zisebenzisa izindlu zangasese ezikule simo ngoba aziphephile.Indlu yesikole yangasese enjani ingane ekwazi ukuthi ibone udoti ngaphakathi?

“Abantu abadlula emgwaqeni ngezimoto kanye nezinyawo bakwazi ukuthi bazibuke izingane zethu uma ngabe zizikhulula. Ibizwa ngani leyonto? Akusikona ukuhlukumezeka kwamalungelo azo,” kubeka yena.

Omunye wabazali uNks Nondumiso Zondi uthe naye unomfundi webanga lokuqala kulesi sikole kanti akajabulile neze ngesimo sezindlu zangasese.

“Akuphephile nje ukuthi ungavunyelwa izingane zethu ukuthi zisebenzise lezi zindlu. Lolu daba lukhulunywe kakhulu ngonyaka owedlule saze satshelwa ukuthi kukhona abantu abafikile ukuzohlola inhlabathi ukuthi ingabe ikulungele yini ukuthi kungakhiwa izindlu zangasese,” kubeka yena.

Baphinde baveza ukuthi izingane ezifunda u-Grade R azivunyelwa ukuthi zisebenzise lezi zindlu zangasese kunaloko zisebenzisa amabhakade nokuthiwa achithwa uthisha wabo. .

Lokhu kuqinisekiswe uNks Zondi nothe ingane yakhe naye ibisebenzisa ibhakede ngonyaka owedlule ngesikhathi yenza ibanga lika-Grade R.

Ilunga lesigungu esimele abazali kulesi sikole kodwa elingathanda ukuthi kudalulwe igama lalo likuqinisekisile ukuthi kunenkinga yezindlu zangasese kodwa lathi akusizona zonke ezinenkinga.

“Iyodwa kuphela indlu yangasese yabafana engekho esimeni[esigculisayo] lezi ezinye ziyasebenza kahle zona. Lolu daba luyasetshenzwa kuyimanje. Kukhona abantu abafika bezohlola indawo nehlabathi okuzokwakhiwa kuyona izindlu zangasese ezintsha kwazise seokuzofakwa lezi zesimanjemanje.

Udaba okumataswa ngalo nje lolu luyalungiswa,” kubeka yena.

Uthe izingane zebanga lika-Grade R zona ingoba sisatshelwa ukuthi zisencane ayi ukuthi kungenxa yezimo zezizindlu zangasese.

UMnyango wezeMfundo awutholakalanga ukuba uphawule ngesikhathi sokushicilela.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.