Kuphelile ngo ‘Zahara’ emakhumbini

2018-03-14 06:00

OSOMATEKISI nenhlangano yamatekisi i-South African National Taxi Council (Santaco) bathi bazimisele ngokulwisana nokulayishwa ngokweqile kwabagibeli ikakhulukazi labo abashayela izimoto zohlobo lwe-Quantum.

Lezi zimoto ezilayisha umphakathi bezihlalisa abantu esikhaleni senjini esiseduze kwamshayeli nebesesiqanjwe ngokuthi ‘uZahara’.

Amalungu ale nhlangano aseqale uhlelo lokuma emgwaqeni begade amatekisi alayisha ngokweqile.

Bathe inhloso yabo ukwenza isiqiniseko sokuthi akekho umgibeli okubekwa impilo yakhe engcupheni ngoba ngeke aze akhokhelwe imali yesinxephezelo uma itekisi abehamba ngalo libandakanyeka engozini.

UMnuz Bheki Sokhela okhulumela i-Santaco eMgungundlovu uthe bafuna ukuwuqeda nya lo mkhuba owenziwa abashayeli bamatekisi wokulayisha ngokweqile.

“Lento siyenza ngoba siyawuthanda futhi siwukhathalele umphakathi wethu. Sinethimba eligada ezindaweni ezehlekene nami ngiyingxenye yalo. Sekunamasonto amane siwuqalile lo mkhankaso kanti inhloso yethu ukuwubona uqhubeka uya phambili.

“Asibhekelele nje kuphela ukulayisha ngokweqile kodwa sigada nalamakhumbi ahamba eceleni komgwaqo lapho kungafanele ahambe khona ngoba ejahe ukufika lapho eya khona. Lento abayenzayo idala isiminyaminya esikhulu futhi ihlukumeza abantu abahamba ngezimoto ezincane ngoba uma sekuphele indawo yokuhamba bafuna ukungena phambi kwezimoto ezincane,” kubeka yena.

Uqhube wathi bayazi ukuthi amaphoyisa omgwaqo ayazama ngokusemandleni ukuqeda le nkinga kodwa babone kungcono ukuba balekelele nabo ngoba lamathikithi atholakalayo abiza imali enkulu.

“Umphakathi nawo siyawucela ukuba ubambisane nathi ngoba kwesinye isikhathi akusibo abashayeli abalayisha ngokweqile kodwa ibona abagibeli abazicelelayo bakhale ngokuthi sebeshiywe isikhathi sokuya emsebenzini. Uma uzazi ukuthi uya emsebenzini vuka kusanesikhathi ukuze ungeke ufake impilo yakho engcupheni ngokuhlala kulento abayibiza ngo’Zahara’.

Abagibeli bamatekisi nabo bazwakalise imizwa yabo ngokuqedwa kokulayisha ngokweqile emakhumbini.

UMnuz Bonginkosi Mthethwa ohlala KwaPata uthe yena ujabule kakhulu ngalesi sinqumo wathi sizosindisa izimpilo zabantu abaningi.

“Siyawubona umehluko selokhu kuqale lolu hlelo ngisho isiminyaminya sesehlile ekuseni nantambama ikakhulukazi uma usubheke ngase-crossini laseMbali. Lento abayenzayo bakhombisa ukuthi basikhathalele njengabagibeli. Ibisidina ngempela lento ngoba ikhumbi ibike ihlale ingaphumi erenke ngoba kushoda umuntu oyedwa ozohlala emjondolo [Zahara],” kubeka yena.

Uqhube wathi inkinga esele eyokuthi abashayeli bamatekisi badlule namalungu omphakathi emagalaji ntambama.

UMnuz Sihle Ngcobo ohlala eMbali Unit 3 uthe yena wake wahlala kulendawo ebizwa ngo-’Zahara’.

“Sijabule kakhulu ngoba nathi sizokwazi ukuhlala kahle sikhululeke. Okokuqala nje ukuthi uma usuhleli kulo ‘ Zahara’ ubuphinde ukhokhe nemali egcwele ekubeni bazi kahle ukuthi babeke impilo yakho engcupheni. Sengathi lento abayiqalile osomatekisi ingangayekwa kodwa iqhubeke njalo.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.