Kuphenywa inkohlakalo e-Grange Primary

2018-05-02 06:00
Isithombe: lethiwe makhanyaAbazali bevale amasango esikoleni iGrange Primary ngoLwesine olwedlule.

Isithombe: lethiwe makhanyaAbazali bevale amasango esikoleni iGrange Primary ngoLwesine olwedlule.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ISIKOLE samabanga aphansi i-Grange sisenkingeni ngemuva kokuba uMnyango wezeMfundo uthathe isinqumo sokususa uthishanhloko wakulesi sikole uMnuz Vinesh Harichand waya kwesinye isikole okwesikhashana njengoba kusaqhubeka uphenyo lokuxhashazwa kwezimali zesikole.

Lokhu kulandela izinsolo zabazali nabasola lo thishanhloko nalabo ekade bengamalungu esigungu esimele abazali esisanda kukhishwa ngokudla izimali zesikole.

Laba bazali babhalela uMnyango wezeMfundo incwadi ngenyanga eyedlule bewucela ukuba ungenelele uphenye inkohlakalo abasola ukuthi iyaqhubeka kulesi sikole.

UMnuz Harichard ususwe ngoLwesine mhla zili-19 kuMbasa (April) ngemuva kokuba abazali bevale amasango akulesi sikole bevalela uthishanhloko kanye nothisha ngaphandle.

Laba bazali bebekhala ngokuthi abasafuni ukubona uMnuz Harichand emagcekeni esikoleni uma kusaqhubeka uphenyo.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni saKwaZulu-Natal uMnuz Scelo Khuzwayo ukuqinisekisile ukuthi uMnuz Harichand ususiwe kulesi sikole.

“Ukususwa kwakhe akusho ukuthi kukhona akwenzile okuphambene nomthetho. Ngemuva kwalesi siteleka esibe khona esikoleni ngoLwesine olwedlule nebesesibonakala ukuthi sizoba nodlame, sinqume ukumususa okwesikhashana senzela ukuphepha kwakhe njengoba kusaqhutshwa uphenyo.Imiphumela yophenyo iyona ezoveza ukuthi kungabe lezi zinsolo ziyiqiniso yini okanye zingamanga,” kubeka yena.

USihlalo wesigungu esimele abazali kulesi sikole uMnuz Mzwandile Goge uthe kuyabajabulisa ukuthi umnyango ulusukumelile lolu daba.

“Siyajabula futhi nokuthi umnyango umsusile uthishanhloko kulesi sikole ngoba ngendlela abazali abadinwe ngayo bekungagcine sekonakele. Lolu phenyo futhi luzosiza ekutheni uthishanhloko naye ahlanze igama lakhe uma kungukuthi akukho okumhlanganisa nalezi zinsolo. Siyafuna ukuthi kufikwe esiphethweni salento ukuze nesikole sizoqhubeka sisebenze ngokwejwayelekile,” kubeka yena.

Uphinde waveza ukuthi izimali zalesi sikole zimisiwe zonke ukuthi zisebenze kanye namabhuku ahlangene nezimali nawo kuthiwe akangatintwa kuze kuba kuphothulwa uphenyo.

“Isikole sisenkingeni yonke into imile njengoba kunalezi zinsolo. Sifuna umnyango usazise ukuthi kuqhubekani ngophenyo bangagcini nje ngokuthi bayaphenya. Sifuna umhlangano ophuthumayo nalapho bezochazela abazali ukuthi izinto zizosebenza kanjani njengoba yonke into yezimali ivaliwe.”

Ngesikhathi i-Echo ihambele kulesi sikole ngoLwesine olwedlule yafica abafundi bentanta ngaphandle kwamagumbi okufundela kanti abanye baze balandwa abazali babo ngoba bebona ukuthi akufundwa.

Othisha bona bebehleli ngaphandle kwesango ezimotweni kukhona namaphoyisa aqaphe isimo.

Laba bazali bebethi abafuni ukumbona uthishanhloko emagcekeni esikoleni njengoba kusanophenyo oluqhubekayo ngoba besabela ukuthi uzocisha bonke ubufakazi obukhona.

“Kusuka ngonyaka owedlule sasisho ukuthi asisamfuni kodwa ubeqhubeka eza esikoleni yize azi ukuthi kunophenyo oluqhubekayo. Buningi ubugebengu obuqhubekayo lapha esikoleni. Ezinye izingane zifunda zihleli phansi ngoba awekho amatafula okufundela kodwa kunezimali zesikole eziphumayo njalo ngonyaka kanti futhi nezingane zethu zikhokha u-R3000 umfundi ngamunye. Iyaphi yonke le mali uma isikole sihlulwa ngisho ukuthenga amatafula? okuyinto ebaluleke kangaka ,” kusho omunye wabazali ongathanda kudalulwe igama lakhe.

Omunye umzali uthe: “Izindlu zangasese zingcolile akukho ngisho ama-toilet paper asetshenziswa izingane kodwa ziyakhokha. I-swimming pool ingcolile kodwa izingane ziyabhukuda khona.

“Kulahleka ama-laptop esikole angaziwa ukuthi ashonephi nomabonakude ababili abawinwa othisha bavele banyamalala.

“Ubani owenza konke lokhu? uma sibiza imihlangano sithi sifuna izimpendulo akakho ofuna ukuphumela obala,” kusho yena.

Siyajabula futhi nokuthi umnyango umsusile uthishanhloko kulesi sikole ngoba ngendlela abazali abadinwe ngayo bekungagcine sekonakele.Lolu phenyo luzosiza ekutheni uthishanhloko ahlanze igama lakhe

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Hawks’ new hope

2018-05-27 00:00

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.