Kuphume isidumbu kubangwa intombi e-033 Lifestyle

2018-02-28 06:01
ISITHOMBE: sITHUNYELWEUMnuz Thembelani Shamase odutshulwe wabulawa ngempelasonto.

ISITHOMBE: sITHUNYELWEUMnuz Thembelani Shamase odutshulwe wabulawa ngempelasonto.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

SEKUYINSAKAVUKELA umchilo wesidwaba ukuthi kube khona umuntu oyedwa njalo ngonyaka odutshulwayo ngaphandle noma ngaphakathi e-033 Lifestyle eMbali e-Unit 3 nokuyindawo yokuzijabulisa esezingeni eliphezulu kule ndawo.

Ngesonto mhla zili-18 kuNhlolanja (February) kuphinde kwadutshulwa uMnuz Thembelani Shamase (32) waseMbali e-Unit 2.

Lesi sigameko kuthiwa senzeke ngezikhathi zehora lesithathu ekuseni.

Ngokuthola kwe-Echo ngomthombo osondelene nayo ongathandanga kudalulwe igama lawo uthe, uMnuz Shamase udutshulwe ngesikhathi ezama ukulamula impi equbuke phakathi kwabesilisa ababili kuyo le ndawo.

“Umufi ubengazile ukuzozijabulisa kule ndawo kodwa ungumuntu ofika ame ngaphandle ngemoto yakhe ebusuku njalo ngempelasonto alinde ukuthutha abantu abangenazo izimoto zokugoduka. Ubesebenza njengetekisi.

“Ngaphambi kokuba kwenzeke lesi sigameko umufi ubehleli emotweni yakhe elinde abantu abazophuma bamuqashe abahambise emakhaya. Bekunentombazane ebihamba nomlisa okusolwa ukuthi isoka layo kwabe sekuqhamuka omunye wesilisa naye othe lona wesifazane uyintombi yakhe.Kube sekusuka impi kubangwa lo wesifazane.

“Umufi ubonile ukuthi isimo siyashuba wehla emotweni wayo lamula. Uzamile ukulamula impi kodwa lona omunye wesilisa uvele wakhipha isibhamu wamudubula ebusweni washonela khona lapho,” kuchaza umthombo.

Ngo-2016 kwadutshulwa abantu abathathu ezigamekweni ezahlukene kule ndawo. Nakuba le ndawo kungenye yezindawo ezise zingeni eliphezulu eno nogada abaqinisekisa ezokuphepha, sekujwayelekile ukuthi abantu badutshulwe kuyo noma ngaphandle kwamasango ayo.

UMnuz Thembelani Mbhele waseMbali eUnit 2 wadutshulwa wabulala umlisa ongaziwa, kanti umngani wakhe uMnuz Xolani Cele waseMbali eUnit 2 wadubuleka kulesigameko waba sesimweni esibucayi.

Kwaphinde kwadutshulwa uMnuz Andile Ngcobo owaba sesimweni esibucayi kwaboshwa uMnuz Nkosinathi Nqayi ongunogada weMeya yoMsunduzi nongaphandle ngebheyili ka-R1000.

Okhulumela amaphoyisa esiteshini iPlessislaer uKapteni Musa Ntombela uqinisekise isigameko wathi bebengakabi nayo imininingwane egcwele yokuthi bekubangwani.

Uthe: “Amaphoyisa aphenya icala lokubulala ngenhloso ngemuva kokuba kudutshulwe kwabulawa owesilisa ngaphandle kwase-033 Lifestyle. Bekungakaboshwa muntu amaphoyisa asaqhubeka nophenyo,” kusho uKapteni Ntombela.

NGAPHAMBI KOKUBA KWENZEKE LESI SIGAMEKO UMUFI UBEHLELI EMOTWENI YAKHE ELINDE ABANTU ABAZOPHUMA BAMUQASHE ABAHAMBISE EMAKHAYA. BEKUNENTOMBAZANE EBIHAMBA NOMLISA OKUSOLWA UKUTHI ISOKA LAYO KWABE SEKUQHAMUKA OMUNYE WESILISA NAYE OTHE LONA WESIFAZANE UYINTOMBI YAKHE.KUBE SEKUSUKA IMPI KUBANGWA LO WESIFAZANE

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.