Kuphume isidumbu kubangwa ugwayi no-R90

2018-05-30 06:01
UMthokozisi Zuma odutshulwe wabulawa ngesikhathi kubangwa ugwayi nemali.ISITHOMBE : sithunyelwe

UMthokozisi Zuma odutshulwe wabulawa ngesikhathi kubangwa ugwayi nemali.ISITHOMBE : sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IMPI yombango kagwayi nemali engu-R90 igcine ngokuthi kuphume isidumbu endaweni yaKwaGandaganda e-Sweetwaters.

Lokhu kulandela emva kokuba uMnuz Mthokozisi Zuma (23) wako-7 khona e-Sweetwaters edutshulwe wabulawa ngoLwesibili olwedlule ebusuku mhla zili-15 kuNhlaba (May) emva kwengxabano.

Ngokuthola kwe-Echo kuthiwa uMnuz Mthokozisi ubesolwa ngokubandakanyeka ekushayweni komuntu owaphucwa ugwayi kanye nemali engu-R90.

Ubaba kaMthokozisi, uMnuz Sthembiso Zondi uthe bengumndeni basashaqekile ilesi sigameko futhi bafuna ukuthi amaphoyisa adlale indawo yawo kulabo abadubule babulala indodana yakhe.

UMnuz Zondi ulandise i-Echo ngokwenzeka ngosuku lwesigameko wathi wavuswa umfowabo omdala emtshela ukuthi abaphuthume endaweni yaKwaGandaganga usethole ucingo oluthi uMthokozisi uselimele.

Uthe: “Ngesikhathi sifika khona samufica eseshonile entanta edamini legazi kungekho muntu esesele yedwa endlini, ngisho abangani bakhe ayehleli nabo bamushiya kanjalo emva kokudutshulwa.

“Kuthiwa kunomfana owashaywa waphucwa ugwayi nemali ngawo uLwesibili emini abanye abafana ababaleka emva kwesigameko. UMthokozisi wabe eseyasoleka ukuthi naye ubekhona ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko kodwa wayengekho kwazise wayehambe nabangani bakhe beyosebenza lapho kwakhiwa khona umuzi kwenye indawo ekhona la e-Sweetwaters.

“Iphutha lakhe kwaba wukuthi ngeskhathi esebuyile emsebenzini wabonakala ehamba nomfana okuthiwa wayekhona esigamekweni sasemini sokushaywa komfana ,” kubeka yena.

Uthe uMthokozisi wayehamba nalomfana beya komunye umuzi lapho behlangana khona njengabafana bese kuyabhenywa.

Uthe usola ukuthi umfana owashaywa waphucwa wavele wakhomba uMthokozisi nalowo ayehamba naye wathi yibona abamushayile wangabe esacacisa ukuthi uMthokozisi ubengekho.

“Laba bantu abadubule uMthoko kuthiwa baqale bamubuza ukuthi iphi imali nogwayi akuthathile kodwa waphika wathi akazange akuthathe.

“Wabe eyaqhubeka nalowo ayehamba naye bayongena kulomuzi abajwayele ukuhlala kuwona. Emva kwesikhashana nje befikile bezwa ngenhlamvu yokuqala eyashaya ngenhla kwekhanda lakhe yashaya udonga.

“Ababehleli endlini babe sebecisha ugesi ngoba kulula ukuthi abantu abangaphandle bakubone uma kukhanya.

“UMthoko wazama ukubaleka angene kwelinye lamagumbi endlini kodwa inhlamvu yamushaya yangena emqaleni ngesikhathi ezama ukuvula umnyango. Siyasola ukuthi labantu babevele bemuqondile uMthoko.

“Okusidida kunakho konke ukuthi kubona bonke abantu ababekhona endlini kwalimala uMthokozisi kuphela nesingazi ukuthi kwenzeka kanjani.

“Abangani bakhe bona kuthiwa baphuma babaleka bamushiya kanjalo.”

UMnuz Zondi uphinde waveza ukuthi sekunamahemuhemu okuthi lena into ebeyihleliwe njengoba lona okusolwa ukuthi uyena odubulile ubengezwani noMthokozisi.

“Ngisho kungabe kuthiwa kwenzekani, noma ngabe wawuthatha-ke lowogwayi nemali bekungamele baze bamubulale. Yini nje u-R90 ngoba yinto ebengizoyikhokha leyo.

“Sibuhlungu kakhulu siwumndeni sifuna nje ukuthi umthetho ulusukumele lolu daba kuze kube khona oboshwayo.

“Nathi njengomndeni mhlampe lokho kuzosisiza sithobeke amanxeba ngoba sazi ukuthi kukhona umuntu ojezayo ngokushona kwendodana yethu,” kuphetha yena.

UMthokozisi kuthiwa watshela abangani bakhe ukuthi liyamshiya igazi ucela ukuhamba aye ekhaya kungcono ashonele khona kodwa lokho kwagcina kungenzekanga.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele usiqinisekisile isigameko wathi amaphoyisa aphenya icala lokubulala.

UMthokozisi uzongcwatshwa ngoMgqibelo mhla zili-26 kuNhlaba (May).

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.