Kuqalwe ingadi ezosiza umphakathi

2018-07-25 06:00
isithombe: lethiwe makhanyaIqembu labesifazane elinakekela ingadi emtapweni wolwazi e-Ashdown.

isithombe: lethiwe makhanyaIqembu labesifazane elinakekela ingadi emtapweni wolwazi e-Ashdown.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMTAPOWOLWAZI wase-Ashdown ngokuhlanganyela nenhlangano yabesimame bakule ndawo iLethokuhle Focus Group (one house, one garden) bethule ngokusemthethweni ingadi ekuhloswe ngayo ukusondeza umphakathi wakule ndawo emtapweni wolwazi.

Le ngadi yethulwe ngokusemthethweni ngoLwesihlanu olwedlule mhla zili-13 kuNtulikazi (July) emtapweni wolwazi wakule ndawo. Kulo mcimbi kuphinde kwahlonyuliswa abafundi abangama-42 bakuyona le ndawo abenza izifundo ze-computer mahhala kuwona lo mtapowolwazi.

UMnuz Thembani Langa oyi-senior librarian uthe ukuvula ingadi emtapweni wolwazi ngenye yezindlela abazama ngayo ukuson-deza amalungu omphakathi emtapweni wolwazi.

Uthe: “Abantu abaningi bazi ukuthi umtapowolwazi owabantu abafundile kuphela kanti uma kukhona izinto umphakathi ongeneme ngazo into yokuqala abacabanga ukuyenza ukuthi bashise umtapowolwazi ngoba bazi ukuthi awubasizi ngalutho.

“Njengoba senze le ngadi sifuna ukushintsha lowo mqondo ebantwini.

“Sifuna bazi ukuthi ngaphandle kwezincwadi kukhona okunye abangakwenza emtapweni wolwazi,” kubeka yena.

Uthe le ngadi bayisungule kulo nyaka kodwa sekunezithelo ezehlukene eseyizikhiqizile.

“Izithelo esizivuna kule ngadi sinikela ngazo emakhaya ezintandane nasezindaweni ezidinga usizo. Le ngadi siyenza neqembu lo mama abayi-12 okuyibona abawusizo olukhulu.

“Sifuna ukuthi ikhule njalo sigcine sesithola imali yokuthi sikwazi ukuyiqhuba ngoba ngeke sihlale sicela uxhaso njalo.

“Labo mama bayaqeqeshwa ngokuthi bangayinakekela kanjani ingadi futhi labo abakwazi ukufunda zikhona izincwadi ezifundisayo ngokunakekelwa kwezitshalo,” kuphetha uMnuz Langa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.