Kuqashwe abahlengikazi akade bebhuquza emakhaya

2019-01-23 06:01
ISITHOMBE : sithunyelweAbahlengikazi kanye nongqongqoshe wezeMpilo eGreys Hospital ngoLwesine olwedlule.

ISITHOMBE : sithunyelweAbahlengikazi kanye nongqongqoshe wezeMpilo eGreys Hospital ngoLwesine olwedlule.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UNGQONGQSHE wezeMpilo esifundazweni saKwaZulu-Natal uDkt Sbongiseni Dhlomo uthi unethemba lokuthi ukuqashwa kwamanesi angama-300 esifundazweni sonke kuzowenza umehluko emitholampilo kanye nasezibhedlela zikahulumeni .

UDhlomo ukusho loku ngoLwesine olwedlule mhla zili-10 kuMasingana (January) esibhedlela i-Greys nalapho kade ehlangene khona nalaba bahlekingakazi.

Kulaba bahlengikazi kubalwa khona o-staff nurse kanye nama-nursing assistants.

Ekhuluma nabezindaba uDhlomo uthe nakuba ukuqashwa kwalabahlengikazi ukungeke kukukuvale ngci ukushoda kwabahlengikazi bengumnyango bayathemba ukuthi ukhona umehluko ozokwenzeka. Lolu hlelo lokuqashwa kwalaba bahlengikazi olwaziwa ngokuthi iPresidential Stimulant package lwamenyezelwa uMongameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa kanti kuhloswe ngalo ukuphakamisa izinga lezempilo ezikhungweni zikahulumeni ngokuthi kwa khiwe amathuba emisebenzi elinganiselwa kweyizi-5300 ezweni lonke.

“Lena inamba enkulu yabantu abaqashiwe kanti loko kusho ukuthi kunemindeni engama-300 eseyizothola ukuthi izimpilo zabo zishintshe. Nakuba kungeke kuvaleke ukushoda kwabasebenzi kodwa sinethemba lokuthi ukuqashwa kwalaba bahlengikazi kuzo khumbuza izinga lezempilo ezikhungweni zethu. Besingakujabulela ukuthi uMongameli abe na thi ngalolu suku azobona izithelo zezithuthuku zakhe . Namahlanje kunemindeni engama-300 eseyithole abantu abazokwazi ukuthi babeke isinkwa etafuleni.

“Lapha kunabahlengikazi abesebechithe iminyaka engaphezu kweshumi beheleli ekhaya bengasebenzi sebeze baphenduka ngisho inhlekisa emphakathi abahlala kuyo. Laba bahlengiikazi abaqashwe lapha babaluleke bayisitebhiso sokuqala emkhakheni wezobuhlengikazi kodwa babaluleke kakhulu kubantu bethu,” kubeka yena .

UDhlomo uphinde waveza ukuthi isifundazwe sizophinde simemezele ukuqashwa kwabanye abasebenzi abahlukene abangaphezu kwama-300 abaqashwe ngaphansi kwalo futhi lolu hlelo.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.