Kuqokwe abadansi abavelele kwi-ballroom

2018-06-27 06:02
Abadle umhlanganiso esigabeni sabadala (kusuka kwesokunxele) Brian Booth kanye no Londeka Mngadi abaphume endaweni yokuqala, Boniswa Gazu kanye noMfundo Khoza abalale isibili.ISITHOMBE : sithunyelwe

Abadle umhlanganiso esigabeni sabadala (kusuka kwesokunxele) Brian Booth kanye no Londeka Mngadi abaphume endaweni yokuqala, Boniswa Gazu kanye noMfundo Khoza abalale isibili.ISITHOMBE : sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUQOKWE abadansi abavelele be-Ballroom kanye ne-Latin Dance e-Durban University of Technology esigcemeni esiseNdumiso eMbali Unit 1 ngoMgqibelo mhla ziyi-16 kuNhlangulana (June).

Lokhu kwenziwe njengengxenye yomncintiswano yomdanso yaminyaka yonke obizwa ngokuthi Umgungundlovu Youth Championship.

Inhloso yalo mncintiswano ukufundisa intsha eyahlukene umdanso we-Latin kanye ne-Ballroom nokuyimidanso engajwayelekile kakhulu ikakhulukazi ezindaweni zasemalokishini.

UNks Palesa Rabelemana ongumxhumanisi kwi-Ballroom Dance esifundazweni saKwaZulu-Natal uthe bajabule kakhulu ngomphumela walo mcimbi.

“Into esijabulisa kakhulu ukuthi intsha ibiphume ngobuningi bayo futhi ibona abantu ebesibabhekile kakhulu ukuba bafike. Sithole ngisho ukwesekwa kubantu bangaphandle nokuyinto esijabulisa kakhulu leyo.

“Sifuna ukukhulisa lolu hlobo lomdanso lapha eMgungundlovu. Njengoba sazi ukuthi imidlalo yama-Salga izobe iseMgungundlovu kulo nyaka siyafisa ukuthi kuphela inyanga kaNtulikazi (July) sibe sesineqembu lale midanso eliphuma khona lapha eMgungundlovu,” kubeka yena.

Uthe bayayidinga kakhulu intsha ezongenela lo mdanso noma isikole esinomudlandla wokuthi sifunde lo mdanso.

“Siyazi ukuthi likhona vele iqembu elikhona lapha eMgungundlovu kodwa sifuna ukuthi kube noshintsho kungalokhu kuphinda iqembu elilodwa njalo lezingane sifuna kube khona nentsha ekhona kulo mdanso.”

Uma uthanda ukwazi kabanzi ngokufundela lo mdanso shayela inombolo ethi: 063 522 3564.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.