Kuqothwe amawele ngenhlamvu

2018-10-10 06:00
Ilapho kudutshulelwe khona amawele kanye nomngani wawo.ISITHOMBE: Nompilo Kunene

Ilapho kudutshulelwe khona amawele kanye nomngani wawo.ISITHOMBE: Nompilo Kunene

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BEBENGAMAWELE, behleli behamba ndawonye baphinde badutshulwa bashona ndawonye.

Lesi isehlakalo esehlele umndeni wakaDlamini eSobantu kulandele ukudutshulwa kubulawe u-Asanda noSandile (15) Mbatha abebengamawele ngemuva kokuba bedutshulwe babulawa ngoMgqibelo ebusuku.

Lamawele adutshulwe abulawa kanye noSiyabonga Hlomuka (16) wakhona eSobantu kwathi abanye abathathu bona balimala baphuthunyiswa esibhedlela nokubalwa khona nentombazane .

Bonke laba abashonile bebengamalunga eqembu lendlamu yasendaweni elizibiza ngokuthi Abadlovosi.

Ngosuku lwesigameko kuthiwa lama lunga aleli qembu ayehleli kwenye yezindlu esendaweni yaseMadiba nokuyindaweo eseduze kwakhona eSobantu. Kuthiwa ngesikhathi behleli baqala bezwa isibhamu siqhuma nokwathi uma bebheka ngaphandle babona imoto emhlophe yohlobo lwe-Golf idlula base bebuyela endlini futhi.

Ngemuva kwesikhathi kwazakala umuntu esengqongqoza emnyango wakulendlu ababehleli kuyona. Kusukume u-Asanda wavula umnyango nothe uma ewuvula wabe esedutshulwa amahlandla amaningi.Umsolwa lona obedubula ube esengena endlini nakhona wafika wavulela ngentulwane yezinhlamvu. Kube sekungena umsolwa wesibili naye ofike wavulela ngenhlamvu base bephuma bayabaleka abasolwa.

Umndeni walamawele uthi ugqemeke ingozi engeqiwa ntwala ngokudlula emhlabeni kwawo.

Bekhuluma ne-Echo uNks Sbongile Dlamini nongu-anti wawo uthe ukugcina kwakhe ukubona amawele kwakunguMgqibelo nvtambama.

“U-Asanda wahamba ngezikhathi zantambama ngehora lesine ngawo uMgqibelo ehamba nabangani bakhe ababili kodwa akazange asho ukuthi bayaphi. USandile yena wayengekho ngesikhathi behamba kwazise ukuthi kunetoho alibambayo ngezimpelasonto. Ngesikhathi efika ekhaya ephuma emsebenzini wafike wabuza ukuthi uphi u-Asanda ngasho ukuthi uhambile. Wahlala isikhashana esincane naye wahamba. Ngazitshela ukuthi mhlawumbe uye esitolo kodwa sengisola ukuthi wayeyekuyena eyomfuna kwazise bebehleli behamba ndawonye bengahlukani ngaso sonke isikhathi.

“USandile uhamba nje ngangibukele umabonakude ekameleni ngazumeka ngathi uma ngiphaphama ngezikhathi zantambama ngawo uMgqibelo ngathi ngiyamumemeza ngathola ukuthi akasekho. Ngaqhubeka ngalala ngazitshela ukuthi bazobuya bobabili njengoba behleli benza. Ngaphinde ngaphaphama futhi ezintathakusa ngeSonto ngababheka endlini ngathola ukuthi ababuyanga nokuyilapho ngashaywa khona uvalo,” kubeka yena.

Uthe ngemuva kokubona ukuthi abazange babuye endlini umndeni wonke awubange usalala wavuka wakhanyisa kwaze kwasa ulinde ukuthi amawele azongena kodwa lutho .

Uthe kwaze kwafika elinye ilunga lomphakathi ekuseni elabatshela ukuthi amawele alimele kade kudutshulwa.

“Sibuhlungu kakhulu ngalento eyenzekile. Siyazama ukuziqinisa kodwa kunzima. Singumndeni siyaqala ukuthi sivelelwe into efana nalena ukuthi sishiywe abantu ababili ngesikhathi esisodwa.

Sisadidekile nje ukuthi kungaba yini engaholela ekutheni badutshulwe kodwa sisola ukuthi babesendaweni ekungeyona ngesikhathi okungesona,” kubeka yena.

Umndeni kaSyabonga wona uthi usathukile ngemuva kwalesi sigameko.

“Asazi ukuthi kungabe yini ebingaholela ekutheni agcine esebulawe ngesihluku esingaka uSya. Ubengumuntu ozilungele ophansi futhi engasukeli muntu. Ubezithandela ukusina indlamu njengoba bekunguyena okade ebafundisa okuningi eqenjini lakhe.Sibuhlungu kakhulu ngalento esivelele.

“Siyezwa abantu bayakhuluma izinto ezahlukene ngalesi sigameko kodwa thina njengomndeni yonke into sesiyinikele emaphoyiseni ukuba aphenye ukuze sizothola lonke iqiniso. Into esiyicelayo nje ukuthi umphakathi ubambisane ekugwemeni isimo esifana nalesi ukuthi siphinde senzeke kulendawo. Into ebalulekile manje ukusebenzisana ukuze kungabi khona omunye umndeni owehlelwa ilomshophi,” kubeka uMnu Sipho Mbatha nokunguyena okhulumela umndeni.

Lo mndeni uthi ukumgcina kwawo uSiya kwakungusuku lwesigameko ntambama ngesikhathi ehamba nomngani wakhe.

Okhulumela amaphoyisa esiteshini i-Mountain Rise uCaptain Gay Embrahim uthe amaphoyisa asaphenya kodwa bekungakakaboshwa muntu. “Amaphoyisa alandela umkhondo wokuthi kungenzeka ukuthi lokudutshulwa kuhlangene nombango wamagenge.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.