Kuqothwe ngenhlamvu obesezoshada

2019-07-10 06:02
UMnu Nathi Zuma nengoduso yakhe uNks Zandile Zondi.ISITHOMBE: sithunyelwe

UMnu Nathi Zuma nengoduso yakhe uNks Zandile Zondi.ISITHOMBE: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

USASHAQEKILE umndeni wakaZuma endaweni yaseSweetwaters ngemuva kokudutshulwa kubulawe ilunga lawo lomndeni ebesekusele inyanga eyodwa nje kuphela ukuba libophe ifindo likasofasilahlane.

UMnu Nathi Zuma (44) udutshulwe ngoMgqibelo ebusuku mhla zingama-29 kuNhlangulana (June) khona eSweetwaters.

UMnu Zuma ubulawa nje ubezobopha ifindo likasofasilahlane nengoduso yakhe uNks Zandile Zondi ngasekuqaleni kwenyanga kaNcwaba (August).

Ngokuthola kwe-Echo ngengoduso kaMnu Zuma, usuke edolobheni lapho kade esehlala khona nengoduso yakhe isikhathi esiningi wathi uya emngcwabeni eSweetwaters.

Elandisa i-Echo uNks Zondi uthe uhambise uMnu Zuma eSweetwaters njengomuntu obezoya emngcwabeni wase yena esebuyela emuva edolobheni lapho ehlala khona.

“Ngithole ngoba naku eseshonile ukuthi wagcina engayanga emngcwabeni ngoba izimpahla lezi abesezigqokile akuzona lezo ahamba ezigqokile ngesikhathi ethi uya emngcwabeni.

Kukhombisa ukuthi wadlula ekhaya lakhe washintsha izimpahla wabe esehamba eyozijabulisa endaweni yaseMabane ngoba ubengumuntu ofikayo vele ezinkambini zikaFaro,” kubeka yena.

Uthe bebejwayele ukuhamba imingcwabo kanye nemicimbi ndawonye noMnu Zuma kodwa ngaleli langa wathi uzohamba nomngane wakhe njengoba agcina engafikanga nasemngcwabeni.

“Ngalo usuku lwesigameko ngesikhathi zehora lesikhombisa ntambama ngamuthumelela umyalezo ngimubuza ukuthi ulaphi ngoba kuhlwile kanti nangaphandle akuphephile kodwa akazange aphendule.

“Ngaqhubeka ngamuthulela imiyalezo ngimubuza kungani angasho ukuthi akalandwe okanye asale eselala ekhaya lakhe eSweetwaters ngoba sekuvele sekuhlwile kodwa akazange aphendule kwaze kwaba izikhathi zehora lesisishiyagalolunye ebusuku lapho ashaya khona ucingo.

“Ngesikhathi eshaya ucingo washayela umakhalekhukhwini wengane yami ngoba iyona eyayizomlanda vele. Wakhuluma nayo ngayizwa ithi ayisamuzwa kahle uyanqamuka nami ngokunganaki ngathi ayi muyeke uzophinde akushayele nangempela waphinda kodwa esefonela kumakhalekhukhwini wami,” kubeka yena.

Uthe into amutshela yona ukuthi ucela ukuba azomulanda wabe esemutshela nendawo lapho bezomuthola khona.

Uthe akazange ahambe yena wathumela indodana yakhe neyathi mayifika lapho kwakumele ihlangane khona noMnu Zuma yangamufika yabe isibikela uNks Zondi.

“Ngazama ukumushayela ucingo uNathi kodwa umakhalekhukhwini wakhe wase ukhala ungasabanjwa. Ngatshela indodana yami ukuthi ayibuye uma engekho ngoba ngisabela impilo yayo. Ngalesi sikhathi mina ngimufonela uNathi ngimbuza ukuthi ulaphi ingane imulindile kushukuthi ingalesikhathi sebemudubulele vele eselele phansi,” kuqhuba yena.

UNks Zondi uthe ngaphambi kwalesi sigameko bebenako ukusola vele ukuthi kukhona abantu ababalandelayo inkinga ukuthi bebengazi ukuthi bafuna yena yini okanye bafuna uMnu Zuma.

Uthe kusukela ngenyanga eyedlule besekukhona izimoto ezahlukene ebesezifika ekhaya likaMnu Zuma zime esangweni zizungeze zijike izikhathi zaze zabe zintathu.

Uthe besekukhona ngisho izingcingo ebesezingena kuMnu Zuma zithi akaphume ebusuku kodwa ziqhamuka kubantu angabazi. Uthe besekunabantu abebefona ngezinombolo ezingaziwa. “UNathi ubulawele ukuthi ubezoshada nje kuphela akukho okunye. Ngidiniwe nje kakhulu ngoba angazi ukuthi ubani obengabulala uNathi umuntu okade ezilungele kanye obengaqali muntu ngisho kuthiwa usethintile. Izinhlamvu abamudubule ngazo zonke zingene ekhanda nokukhombisa ukuthi lo muntu obemudubula ubefuna ukuqeda vele ngaye.” UNks Zondi uthe uyathemba ukuti umthetho uzoyidlala indima yawo kodwa wathi yena bonke abenzi bobubi ubanikelela kuNkulunkulu.

Okhulumela amaphoyisa eMgungundlovu uSergeant Mthokozisi Ngobese usiqinisekisile isigameko.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.