Kuqwashiswe abantu ngesifo somdlavuza

2018-11-07 06:03
PHOTO: lethiwe makhanyaUNgqongqoshe wezempilo kuzwelonke uDkt Aaron Motsoaledi.

PHOTO: lethiwe makhanyaUNgqongqoshe wezempilo kuzwelonke uDkt Aaron Motsoaledi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuzwelonke uDkt Aaron Motsoaledi usenxuse abantu ukuba bahlolele isifo somdlavuza kusanesikhathi ukugwema izinkinga uma ngabe sesitholakala sekwedlule isikhathi .

UDkt ubekhuluma emcimbini wokwethula umkhankaso kazwelonke wokuqwashisa ngalesi sifo nobubanjelwe ezinkundleni zemidlalo eCaluza ngoLwesibili mhla zingama-30 kuMfumfu(October).

Inhloso yalo mkhankaso kungukufundisa abantu ngezinhlobo ezahlukene zesifo somdlavuza kanye nokuqwashisa ngawo ukuthi umphakathi ungawuvikela kanjani.

Uveze ukuthi lesi sifo siyinkinga umhlaba wonke ayi nje ezweni laseNingizimu Afrika kuphela.

“Umdlavuza akusona isifo esifika manje kade saba khona sidala ngisho okudlula isifo sesandulela ngculaza kodwa umheluko manje ukuthi lesi sifo somdlavuza sisabalala njengomlilo wequbula. Ziningi ke izinto ezibanga umdlavuza okubalwa khona indlela ophila ngayo, ukubhema ugwayo okanye ukuhlala eduze kwabantu ababhemayo, ukungazivocavoci kanye nokuphuza utshwala,” kubeka yena.

Ube eseyala amalunga omphakathi ukuba enze isiqiniseko sokuthi njalo ahleli eyohlolela umdlavuza ikakhulukazi labo abanamalunga emindeni okanye izihlobo ezake zaba nawo umdlavuza.

“Uma kungukuthi kuthi kini kukhona umuntu owake waba nomdlavuza nawe usemathubeni okuthi kungenzeka ube nawo. Kubalulekile ukuthi sihambeni sonke siyohlola ukuze sizosibamba lesi sifo kusanesikhathi. Singuhulumeni senza konke okusemandleni ukuba sizame ukunqanda umdlavuza.

Uphinde waveza ukuthi kunemibiko eveza ukuthi kuzophela lo nyaka sekunabantu abangu-107 000 okuzophela unyaka sebenesifo somdlavuza eNingizimu Afrika. Kulabo bantu abangu 59 000 abantu besifazane kanti abangu-47 000 abantu besislisa.

UMnuz Xolani Gwala oyinxusa lomdlavuza naye unxuse umphakathi ukuba ungahlali isikhathi eside ungazazi ukuthi umephi ngesimo sawo .

“Ngonyaka owedlule ngenyanga kaMandulo (September) ngaphathwa umkhuhlane nongathi uma ngiya kadokotela ngathola ukuthi nginesifo somdlavuza esesiku-stage-4 lapho sekwembulwa kwembeswa khona. Kusukela ngenyaka kaMandulo sengihlinzwe kahlanu nami futhi angazi ukuthi ngaphunyula kanjani. Akukho mnandi ukuzithola usesimweni esifana nesami.

“Ukube nami ngasheshe ngahlola ngazazi angabe angigcina sengihlinzwa kangaka . Angifuni ukuthi omunye umuntu agcine esezithola ekulesi simo engangikusona mina ingako nginigqugquzela ukuba nihambe niyohlola ukuze nizothola ukwelashwa kusanesikhathi . Abaningi ababesimweni sami abasekho badlula emhlabeni ngoba kwase kukubi kakhulu,” kubeka yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.