Kushayisana amakhanda kothishanhloko nama-SGB

2017-02-08 06:02
PHOTO: nokuthula khanyile Abazali ababhikishe ngaphandle kwaseKhethindlelenhle Primary ngoMsombuluko

PHOTO: nokuthula khanyile Abazali ababhikishe ngaphandle kwaseKhethindlelenhle Primary ngoMsombuluko

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BABHEKENE ngeziqu zamehlo abazali kanye nothishanhloko ezikoleni ezimbili zaseMgungundlovu iKhethindlelenhle Primary e-Azalea kanye neSilwanetshe Primary eWillowfontein ngendlela izikole ezilawulwa ngayo.

EKhethindlenhle baluqale kabi usuku ngoMsombuluko abafundi bakhona ngesikhathi abazibize ngabazali bevala amasango bethi bafuna umbiko mayelana nokusetshenziswa kwezimali kulesikole.

Umbhikisho kuthiwa ubuwandulela umhlangano obekhona emphakathi ngeSonto lapho bekudingidwa khona indlela lesikole esilawulwa ngayo.

Kuvele ukuthi ngonyaka owedlule isigungu esingamele isikole sibhalele uMnyango wezeMfundo siwucela ukuthi uphenye kabanzi ngokusetshenziswa budedengu kwezimali zesikole kodwa kuze kube manje umbiko ogcwele ngalokhu ubungakakhishwa. Kubikwa ukuthi abafundi balesikole bebekhokhiswa imali kodwa kungacaci ukuthi ishonephi.

I-Maritzburg Echo ithole ukuthi uthishanhloko wakulesikole usulile ngasekupheleni konyaka odlule kanti kumanje kunobambile esikhundleni sakhe.

USihlalo wesigungu esingamele isikole uThandanani Mngoma ebuzwa ngezikhalazo zabazali uthe akakwazi ukuphawula ngoba udaba selusezandleni zoMnyango wezeMfundo.

“Akukho engizokusho njengamanje ngoba udaba selungenelelwe abahloli futhi ziningi nezinkulumo eseziqhamuka emaceleni ezingaveli kuthina njengamalunga esigungu esingamele isikole.”

IKhansela ku-Ward 10 uNkosinathi Gambu ebuzwa mayelana naloludaba lokubhikisha kwabazali ubhokele intatheli ngolaka .

“Akukho engizokuphawula kodwa ngangikhona esikoleni ngesikhathi kunalombhikisho futhi imina owasiza ukudambisa isimo kwagcina sekuvulwe namasango esikole. Awukwazi ukungibuza ukuthi udaba ngiyalwazi yini ngoba ngangikhona,” kusho yena.

Khona manjalo eSilwanetshe uthishanhloko nesigungu esingamele isikole kubikwa ukuthi babhekene ngeziqu zamehlo njengoba kuthiwa uthishanhloko ubekhokhisa izingane ezifunda uGrade R imali engango R300.

Umthombo ongaphakathi uthe isigungu esingamele isikole sayichitha eyokukhokhiswa kwabafundi bakaGrade 1 kuphela lemali kodwa kube kuthiwa izokwenza izidingo zesikole sonke.

“Iningi imali ebikhokhiswa abafundi kodwa okungacaci ukuthi iyaphi. Emuva kokuvalwa kwalo R300 kwaphinde kwavela ukuthi bebekhokhiswa o-R20 njalo ngenyanga ukuze kuthengwe ikhumbi yesikole. Kwaphinde kwavela nokuthi umfundi ngamunye ubekhokha uR100 we-khompyutha kodwa uthisha wayo engekho. I-SGB yayibona ukuthi kukhona abazuzayo ngokwezimali eziqoqwa kubazali kodwa zigcine zingafezi izimfuno. Okubuhlungu ukuthi uMnyango unalo ulwazi ngokuqoqwa kwalezimali kepha awuthathanga sinyathelo.”

Isigungu esengamele lesikole kuthiwa sikhala nangothisha abaqashwa isinyenyela sona singaziswanga.

“Esikoleni kunothisha abangamavolontiya kodwa abangaqashwa ngokugcwele uma kuvela isikhala, kunalokho uthishanhloko uletha abantu bakhe abaseceleni ngaphandle kokwazisa isigungu esingamele isikole. Kukekwenzeka isigungu esingamele isikole sancoma uthisha obeyivolontiya ukuthi aqashwe ngokugcwele kade kuvuleke isikhala kodwa uthishanhloko wathi lesosikhala asisekho. Uma isigungu sikhalaza uthishanhloko uthi lesikole sesilawulwa abantu abaningi.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

5 top leg exercises for men

Here’s our selection of the five best leg exercises that you can do in the comfort of your own home.

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content this holidays
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
How to open a beer bottle without an opener
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.