Kushone oyedwa engozini ebandakanya izingane zesikole

2019-04-24 06:02
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaUmphakathi ubuphume ngobuningi uzozibonela lenhlekelele.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaUmphakathi ubuphume ngobuningi uzozibonela lenhlekelele.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUSHONE owesilisa oyedwa kwase kwalimala kanzima izingane zesikole ngesikhathi imoto ekade behamba ngayo itholana phezulu neloli endaweni yaseMbali Unit 14 ngoMsombuluko mhla zili-15 kuMbasa (April).

Lona oshonile kuthiwa ubeneminyaka engama-29, ubengeyena umfundi kodwa ubehamba nomama wakhe nobeshayela iveni ebelilayishe izingane.

Imoto eyiveni kuthiwa ibiqhamuka ngase-France ngesikhathi kwenzeka lomshophi.

Leli veni belilayishe izingane zesikole ezifunda ezikoleni ezahlukene okubalwa kuzona iZamaZulu Secondary School, Hlelingomuso Primary School kanye naseSyahlomula.

Ngokusho komuntu ozibonele ngesikhathi kwenzeka lengozi kodwa ongathandanga ukuba adalulwe igama lakhe uthe iloli beliqhamuka ngasendaweni yaseMbali Unit 14 labe selidlula ezinye izimoto ebezimile kanti lizofike lishayise iveni ngaphambili.

“Iloli lishayise iveni labe seliyayidudula imizizu ngaphambi kokuba lime. Sibuhlungu kakhulu ngalento eyenzekile ngoba abantu abalimele lapha abangani bethu kanti futhi lemoto iyona ebesihamba ngayo uma siya esikoleni kodwa besesiyekile. Besicabanga ukuthi sizoyibuyela nje maduze sigibele kuyona kodwa manje loko ngeke kusenzeka,” kubeka yena.

Omunye ozibonela uMnu Themba Ngidi uthe iloli liphelelwe amabhuleki nomshayeli wabe eseyahluleka ukulilawula labe selishayisa izingane.

UNks Thembi Ndlovu yena uthe ubesendlini elungiselela ukugeza ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

“Ngizwe umsindo omkhulu engathi kuduma izulu ngabe sengizwa izingane zikhala ngabe sengiyaphuma nami ngizobheka.

“Ibuhlungu lento eyenzekile ngezingane nje ezincane kangaka zabe sezilimala kangaka kwaze kwashona nomuntu. Angikaze ngiyibone into enje bengijwayele ukuyibona kumabonakude ngingazi ukuthi ngelinye ilanga ngiyoyibuka eduze kanje,” kubeka yena.

Ngesikhatjhi i-Echo ifika endaweni yesigameko amalunga omphakathi abesagcwele endaweni yesigameko kanti nomzimba walowo oshonile ubungakahambi, kusakhona nabezimo eziphuthumayo.

Lamalunga omphakathi kade evutha bhe njengoba kade efuna ukushaya umsolwa emusola ngokuba budedengu. Umphakathi uvimbe iveni yamaphoyisa ebeyinomsolwa azama nokuphoqa amaphoyisa ukuba amudilize ukuze bezomshaya.

Amaphoyisa aze asabisa ngokubafutha ngesisi esikhalisa unyembezi uma kungukuthi abasuki endleleni.

UMnu Phendulani Ndlovu nonguSihlalo we-KZN Scholar Transport Association eMgungundlovu uthe baphatheke kabi ngemuva kwalesi sigameko kanti babenomhlangano nosihlalo bonke besiFunda saseMgungundlovu.

“Kubuhlungu ukuthi kugcine sekwenzeke into efana nalena ukuthi kulimale izingane ezingaka. Ngonyaka wezi-2015 uMnyango wezokuThutha wasithembisa ukuthi uzosilekelela ukuthi sikwazi ukuthenga izimoto esizothutha ngazo izingane kodwa kwathi uma ngabe sekufanele ukhokhe wasitshela ukuthi awunayo imali.

“Kubuhlungu ngoba umnyango isikhathi okuba sengathi usukumela ngaso izinto ingoba sekusuke sekwenzeke ingozi enkulu kuyima besukuma bethi bazosiza kodwa uma ngabe kungenzekile lutho bayathula,” kubeka yena.

UMnu Ndlovu uthe bona angeke baze bayeke ukuthutha izingane ngamaveni ngoba iyona ndlela abaziphilisa ngayo njengoba bengasebenzi wathi badinga ukuba uhulumeni abalekelele.

Okhulumela amaphoyisa eMgungundlovu uSergeant Mthokozisi Ngobese uthe bekungakaboshwa muntu ngalesi sigameko wathi kodwa kuvulwe icala lokushayela budedengu nelokubulala ngokungenhloso.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.