Kushone oyedwa kubanjwa inkunzi

2020-01-22 06:01

SISEMANZONZO isimo endaweni yokucima ukoma eSweetwaters kulandela ukuthi kudutshulwe umuntu washona entathakusa ngeSonto mhla zili-12 kuMasingana (January).

UMnu Sanele Khanyile wakhona eSweetwaters udutshulwe amahlandla amane kanti umfowabo, uKgotsi, yena usesibhedlela kulandela ukuthola amachaphazelo.

UMnu Khanyile ushonele esibhedlela ngoMsombuluko ekuseni.

Ngokuthola kwe-Echo lesi sigameko senzeke ngaphambi kwehora lokuqala ekuseni (1 am) ngeSonto.

Kuthiwa kunabesilisa ekade bekhona kule ndawo abavele bakhipha izibhamu base beqala bebamba inkunzi.

Kuthiwa ngaphambi kokuba benze konke loku baqale bafika nabo bahlala njengabantu abazothenga iziphuzo.

Omunye okade ekhona ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko nosebenza khona kule ndawo kodwa ongathandanga ukudalulwa igama lakhe, uthe namanje basesaba ngoba abazi noma labantu basazobuya yini.

“Inkinga yaqala ngokuthi kube khona ingxabano ababa nayo noSanele kodwa futhi kwakungeyona into etheni. Kwakungukuphendulana nje ngamagama kuphela.

“Ngaleso sikhathi abantu abaningi basebehamba vele ngoba sase silungisela ukuvala nathi.

“Sathi nje singanakile sezwa sekuqhuma isibhamu ngaphakathi kathathu kanti sebeyamdubula. Bamdubula engalweni kanye nasonyaweni wabe eseyahamba eyocasha endlini yangasese,” kubeke yena.

Uthe ngemuva kwaloko lezi zigilamkhuba zakhomba wonke umuntu owayekhona ngezibhamu zathi abalale phansi ngezisu.

“Bahamba baze bayolanda ngisho abantu abasebengaphandle sebehamba bathi abangene ngaphakathi. Ngemuva kwaloko babalalisa phansi bonke kanye nathi basiphuca omakhalekhwini bathatha wonke ugologo, imali umshini we-airtime kanye ne-speed point.

“Bathi uma ngabe sebeqedile sebehamba bathi bafuna lona obebagolozela besho uSanele bamkhipha endlini yangasese bamulalisa phansi bamdubula ekhanda inhlamvu yahamba yaze yayogqobhoza phansi base beshaya bechitha.” Uqhube wathi bayakholelwa ekutheni ukubanjwa kwabo inkunzi yinto ebeyihleliwe. “Laba bantu bebeloku bengena bephuma okusho khona ukuthi bebesabheka isimo. Esingakuqondi ukuthi kungani sebedubula abantu.

“Kunzima nje siyesaba. Mina nje ngiyesaba manje ukusebenza ebusuku ngemuva kwento engiyibonile. Nasebusuku kunzima ngisho ukulala,” kusho yena. Ngesikhathi i-Echo ihambele kule ndawo ngoMsombuluko ekuseni bekubonakala ukuthi isanda kuhlanzwa kanti nabasebenzi bebesathukile.

Umndeni kaKhanyile uthe usashaqekile kanti futhi ubuhlungu kakhulu ngento eyenzekile. Ukhuluma ne-Echo umndeni kaKhanyile uthe ubengumuntu obejwayele ukuya kule ndawo yobumnandi.

“Ngosuku lwesigameko wafika la ekhaya ehamba nentombi yakhe wayishiya wabe esephuma ethi uyothenga ugwayi akabange esabuya,” kusho elinye ilunga lomndeni elingazidalulanga igama.

Amalunga alo mndeni athe kukhona abasizwa isibhamu ngesikhathi siqhuma kodwa babengazitsheli ukuthi into eyenzeka eduzane nabo nanokuthi kudutshulwa elinye ilunga labo.

“Mina ngaze ngaphumela emnyango ngayobheka kodwa kwakuthulekile kule ndawo lapho kudutshulelwe khona uSanele kungakhombisi ukuthi kukhona into eyenzekayo ngabe sengiyazibuyelela endlini nami.

“Saze sezwa ngabantu sebezongqongqoza besho ukuthi uselimele basafuna ukumphuthumisa esibhedlela.”

Lo mndeni uthe ugqemeke ingozi engeqiwa ntwala njengoba uKhanyile ebengumuntu obezilungele futhi ehlezi ezithulela engasukeli muntu.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni i-KwaZulu-Natal u-Colonel Thembeka Mbhele usiqinisekisile isigameko.

Uthe abasolwa bathathe imali, omakhalekhukhwini, i-speed point, i-laptop kanye nomshini wokudayisa i-airtime.

“Amaphoyisa aphenya icala lokubamba inkunzi kanye nelokubulala,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.