Kushone umama nengane kudilika indlu

2019-05-01 06:00

KUDILIKE udonga lwendlu kwashona umama nengane yakhe endaweni yaseSlangspruit ngoLwesihlanu olwedlule mhla zingama-26 kuMbasa (April).

UNks Nokubonga Mazibuko (28) nendodana yakhe uSimelokuhle (7) bebelele ngesikhathi udonga lwendlu yodaka abebeqashe kuyona ludilika lwase luyabacindezela.

Ngokusho kukaMnu Thembinkosi Nzimande nongomunye abahlala kulendlu nobekhona ngesikhathi kwenzeka isigameko uthe basashaqekile yilesi sigameko.

“Udonga oluwile ilolo obeluhlukanisa igumbi lami nelikaNokubonga. Mina ngiqale ukubona izolo ukuthi udonga engathi luzowa kangangokuba angilalanga nasebusuku bengime ngezinyawo phezu kombhede ngilinde ukubaleka ngoba bengingazi ukuthi udonga luzowela ngakweliphi icala,” kubeka yena.

Uthe indlu lena ewile ibinamagumbi ayisithupha kanti bekuhlala kuwona abantu abahlukene ngoba bekuyindlu eqashisayo umuntu ekhokha imali engu-R100 igumbi elilodwa.

“Ngesikhathi ngibona udonga luwa ngiphuthumile ngayobiza umasitende ngoba uhlala eduzane.Ngifike ngamtshela ukuthi sekonakele endlini akaphuthume ngabe sengibuyela endlini. Ngesikhathi ngibuya ngifice uNokubonga nengane yakhe sebeshonile becindezelwe inhlabathi kwabe sekubizwa amaphoyisa ekuseni.”

UMnu Nzimande uthe akazi noma usazokwazi yini ukuthi aqhubeke ahlale kulendlu ngoba useyesaba naye ukuthi ingaphinde iwe bese eyalimala okanye kulimale abanye abantu.

Ngesikhathi i-Echo ifika endaweni yesigameko amalunga omphakathi abephume ngobuningo bawo ezozibonela kanti amaphoyisa kanye nabezimo eziphuthumayo bebematasa bezama ukutakula imizimba.

Amalunga omphakathi akhulume ne-Echo aveze ukuthi akusikhona okokuqala ukuthi kwenzeke isigameko esifana njengalesi kuyona lendawo.

UNks Neliswa Khanyile uthe: “Ngonyaka wezi-2015 kukhona futhi abantu abashona bedilikelwa indlu yodaka ababehlala kuyona kuyona le ndawo phezulu kodwa kuze kube imanje asakhelwa izindlu. Abantu bahlala kulezi zindlu zodaka eziwayo ngoba abanayo enye indawo yokuhlala njengoba bengakhelwa izindlu zomxhaso,” kubeka yena.

UNks Ntombi Ngubane yena uthe isikhathi lapho abaholi befika khona ingesikhathi sekunomonakala kodwa futhi ngemuva kwaloko akukho lutho abakwenzayo ukulungisa izinkinga lezo.

“Nami indlu engihlala kuyona eyodaka iyavuza nayo ifuna ukuwa. Kulendawo kwakuzalwa kuyona abantu abalwela umzabalazo abafana noMoses Mabhida kodwa iyona ndawo enganakiwe ngempela.

“Ayikho intuthuko esinayo thina kulendawo ngoba ngisho imigwaqo ayikho sihamba ezindleleni ezinamaxhaphozi. Isikhathi esinakwa ngazo uma ngabe sekusondele isikhathi sokhetho ngoba sebezoncenga ivoti lethu bathembise izinto ezingekho bese bayanyamalala emuva kwaloko bangasenzeli lutho. Sikhathele nathi manje ukuloku sithenjiswa izinto e zingekho abantu bona bebe bephela bebulawa izindlu zodaka ezingekho esimweni,” kubeka yena .

Ilunga lomndeni ebelisendaweni yesigameko alithandanga ukukhuluma ne-Echo.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.