Kushuthwe ifilimu kwaJika-Joe

2018-05-23 06:01

INDAWO yakwaJika-Joe ingenye yezindawo ezizovela kwifilimu elisha elibizwa nge-Human Trafficking part 3 nelizophuma ekupheleni kwalo nyaka.

Leli filimu lishuthelwe endaweni yakwaJika-Joe kusetshenziswa abalingisi baseMgungundlovu nabaseMlazi, eThekwini.

NgoLwesithathu olwedlule abaqondisi balefilimu bavakashele kule ndawo bezoshutha khona ezinye zeziqephu.

Ngokusho kukaMqondisi waleli filimu uMnuz Bheki Zikhali uthe inhloso yale filimu ukuqwashisa ngezinkinga lokushushumbiswa kwabantu nokuntshontshwa kwezingane.

Uthe: “Seziningi kakhulu izigameko zokushushumbiswa kwabantu besifazane bethenjiswa imisebenzi kanye nezigameko zokuntshontshwa kwezingane. Yingakho sithe ake sisukume silwe nalesi sihlava siqwashise umphakathi ngendlela yefilimu. Sifuna abantu baqaphele ikakhulukazi lemisebenzi ekhangiswa kuma-internet. Ngaphambi kokuba bafake izicelo zayo nokuthi bayamukele kumele baqale bayihlolisise ukuthi ikhona ngempela yini ngoba ziningi izigameko zabantu abahamba bethi bathole imisebenzi kodwa bangaphinde babuye.

“Abanye babo badayisiswa imizimba emazweni angaphandle ngoba bahamba bethi bathole imisebenzi ngenxa yokuthi ayikho imisebenzi eMzansi Afrika. Okubuhlungu kakhulu ngalezi zigameko wukuthi abantu abayizisulu zazo abafuni ukuphumela obala bakhulume ukuze kuzoxwayiswa nabanye,” kubeka yena.

Uqhube wathi into eyenze ukuthi bazoshutha ingxenye yaleli filimu kwaJika-Joe ingoba bebefuna ukunikeza abalingisi baseMgungundlovu ithuba lokuba bakhombise ithalente labo.

“Bebehleli bexhumana nami becela ukuba ngibasize ngokuveza ithalente labo yingakho ngiqoke ukuthi ngisebenzise isiqephu esishuthelwe kwaJika-Joe ukuze beveze leli ithalente.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.