Kusolwa abokufika ngokungcola kwedolobha

2019-04-03 06:02

USEKELA Ngqongqoshe wezeMvelo uNkk Baraba Thomson usegxeke abantu bokufika ngokungafuni ukulandela imithetho nathe lokho kugcina kulimaza imvelo kuphinde kwandise nokungcola.

UThomson ubekhuluma nabezindaba ngoLwesihlanu olwedlule eChaseValley nalapho kade kuzokwethulwa khona ngokusemthethweni umkhankaso wokuhlanzeka i-Green Deeds Cleaning Campaign.

UNkk Thomson, ozalwa kuleli dobha, uthe ngesikhathi besakhula kwakunezindawo owawusaba ngisho ukuhamba kuzona ngenxa yenhlanzeko kodwa sekunezindawo osaba ngisho ukuhamba kuzona manje ngenxa yokungcola kwazo.

“Kunezinto eziningi ekumele sizibheke ngale nkinga kanti futhi kubalulekile ukuthi silawule abantu bokufika abakuleli lizwe ngokungekho emthethweni, lokho kumele singakufihli. Kulungile bangabafowethu kodwa kumele balandele imithetho yakulelo dolobha ukuthi kwenziwa njalo kulo.Kudala thina sasingakaze nje sibone kosiwa inyama noma yikuphi edolobheni. Thina nje singabantu bemvelo siyabhekisisa ngodaba lokungcoliswa komoya. Asisho ukuthi abangakwenzi ngoba siyazi ukuthi imisebenzi ayikho kodwa akumele benze zonke izinto ezingalungile bahlukumeze imvelo ngoba naku sithi asisebenzi. Singazenza izinto zethu ngendlela ehleleke kakhulu,” kubeka yena.

UNkk Thomson uthe kuningi okusamele kwenziwe kamasipala ukubhekana nale nkinga. Uthe uyazi ukuthi akumele ukuba baqhathanise izikhathi zakudala nezikhathi zamanje ngoba inani labantu abahlala kuleli dolobha selandile kodwa wathi kumele yonke into ibhalanse.

Uphinde wanxusa ukuba osomabhizini nabo badlale indima yabo ukulekelela ukuhlanza idolobha nokugcina imvelo ihlanzekile.

“Osomabhizini akumele bacabange ngokwenza inzuzo kuphela kodwa kumele kubhalanse nokuhlanzeka. Kumele inzuzo kube yinto esekugcineni bacabange ngabantu kanye nemvelo phambili,” kubeka yena.

UThomson akusiyena nje kuphela okhale ngokungcola kuleli dolobha kodwa noNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uDkt Zweli Mkhize ukhale ngokufanayo.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.