Kutholwe ikhanda lomuntu namathambo

2019-04-10 06:00
IZITHOMBE : lethiwe makhanyaIndlu lapho kutholwe khona ikhanda lomuntu.

IZITHOMBE : lethiwe makhanyaIndlu lapho kutholwe khona ikhanda lomuntu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

USASHAQEKILE umphakathi waKwaZayeka endaweni yaseSweetwaters ngemuva kokutholakala kwekhanda lomuntu kanye namathambo ngeSonto ekuseni mhla zingama-31 kuNdasa (March).

Ngokuthola kwe-Echo leli khanda litholwe izingane ezincane eduze kwendlu endala eyigebedu eseduze kwendawo eyihlathi elincane kuyona le ndawo.

Kuthiwa laba bafana kade besukela ihhashi nelibe selibaleka lingena kulendawo nokuyilapho izingane zifike zabona khona le mihlola zabe sezihlaba umkhosi.

Ngokusho kukaMnu Ntokozo Ntsikithi nozibonele ngamehlo uthe ikhanda beselingasenalutho kanti amazinyo wona abeseziqathakela amanye atholwa ngaphansi kwekhanda.

“Amathambo akhe abengaphelele ngoba akade ekhona kusolwa ukuthi awezingalo kanye nelasemqaleni okunye akuzange kutholakale.

“Wonke amalungu akhe omzimba atholiwe atholwe ngokwehlukana. Amathambo engalo eyodwa atholwe uma ungena kule ndawo, ikhanda lona litholwe phambi kwendlu kanti amanye amathambo enye ingalo atholwe bude buduzane nalapho kutholwe khona ikhanda,” kubeka yena.

Uthe bengumphakathi basathukile ngoba abazi ukuthi ubani owenze into eyisihluku kangaka. Uthe amaphoyisa azamile ukufaka izinja ukuze zizothola amanye amathambo kodwa izinja azibuyanga nalutho.

“Esinye isikipa esimnyama sowesifazane nesitholwe imina kuyona lendawo. Ngesikhathi wonke umuntu efuna nami bengikhona ngabe sengisithola endaweni eyihlathi sikhombisa nje futhi ukuthi kade sahlala ngoba besesigqitshwe nayinhlabathi singasabonakali kahle.Umphakathi usashaqekile nje ngalesi sigameko ngoba asazi noma abantu abenza lemikhuba bakhona yini kuthina emphakathini,” kubeka yena.

Amalunga omphakathi kanye nekhansela le ndawo bathi bayasola ukuthi amathambo lawa atholakele awowesifazane osekuphele isikhathi edukile kulendawo engaziwa ukuthi ulaphi.

UNks Zandile Thembelihle Mtethwa (31) ongowukaduka eMpangeni kodwa obeqashe endaweni yaseSweetwaters waduka mhla zili-14 kuZibandlela ngonyaka owedlule kodwa kuze kuba imanje ubengakaze atholakale.

UNks Mtethwa wahamba endlini lapho ayeqashe khona ekuseni eya esibhedlela esiseHilton lapho kade esebenza khona njengonogada.

Kuthiwa wabuya ntambama ethengile izimpahla zasendlini wabe esebiza ingane yakhe ukuba iyomhlangabeza ukuze izozithatha esitobhini yena wabe esehamba eyohlala nabangani bakhe kuze kube imanje akakaze atholakale.

UMnu Sbusiso Mtshali noyikhansela kule ndawo uthe baphatheke kabi ukuthi kuze kufike ekutheni umuntu agcine esetholwa esengamathambo. Uthe okubuhlungu kakhulu ukuthi sekunakho ukuthi abantu baduke kule ndawo babikwe emaphoyiseni kodwa akukho okwenzekayo kuze kube abantu bagcina batholwa sebefile.

“Ukube amaphoyisa awenza kahle umsebenzi wawo ngabe akuze kufike la. Buka manje uma kungukuthi uyena ngempela lona wesifazane owaduka sekuzoba njani manje ngoba phela udaba lwakhe lwabikwa kusanesikhathi emaphoyiseni kodwa awazange awenze umsebenzi wawo ukuthi amufune kusanesikhathi.

“Sibuhlungu kakhulu ngalezi zigameko eziloku zivele lapha endaweni yethu. Yebo ubugebengu bona bukhona kanti futhi kumele sibambisane kodwa namaphoyisa nawo kumele adlale indima yawo ukuthi asukumele izinto uma ngabe esetsheliwe ngazo ngoba akekho ozowenzela umsebenzi wawo uma wona engawenzi,” kubeka yena. Okhulumela amaphoyisa eMgungundlovu uSergeant Mthokozisi Ngobese usiqinisekisile isigameko wathi amaphoyisa asesiteshini iPlessislaer ayaphenya..

.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.